IStellenbosch seyikukhokhile obekufunwa yiLeopards ngoMthethwa

IStellenbosch seyikukhokhile obekufunwa yiLeopards ngoMthethwa
USibongiseni Mthethwa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IStellenbosch FC kulindeleke iqede konke bese yethula ngokusemthethweni uSibongiseni Mthethwa njengomdlali wayo omusha kuleli sonto. Lo mdlali ubelindeleke eKapa ngoMsombuluko la eyoqedela khona ukusayina.

Lokhu kulandela ukuthi iStellenbosch iphinde yaba nezingxoxo neLeopards yase ikhokha lokhu obekufunwa yiLidoda Duvha ngalo mdlali wasesiswini.

Impempe ike yabika phambilini ukuthi iStellenbosch yabeka u-R400 00 etafuleni okuyinto engayivumanga usihlalo weLidoda Duvha uDavid Thidiela. Empeleni lo sihlalo wacasuka wafa esola iStellies ngommdelela.

Leli qembu laseKapa libuyile labeka okungcono etafuleni okuthiwa yimali ebalelwa ku-R2 million. ILeopards iyamukelile leyo mali futhi uMthetwha usekhululiwe ukuthi ayoqedela izingxoxo eKapa.

“Sekuvunyelwene ngakho konke neqembu. UMthethwa uzoya eKapa ukuyohlangana neqembu lakhe elisha. Ujabule kakhulu ngalokhu ngoba uzoqhubeka nokudlala ezingeni eliphezulu, azikhulise naye kulesi sigaba,” kusho umthombo.

Uphinde waveza ukuthi umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, ufuna uMthethwa ukuze azovala isikhala sikaPhathutshedzo Nange osanda kusayina kwiKaizer Chiefs.

FUNDA NALA: Bamhlinzele ezibini ababhikishi uLucky Lekgwathi becekela phansi isitolo sakhe esisha

“Into enhle neyenze abaphathi bakhe bazame ngayo yonke indlela ukuthi agcine eye kwiStellies wukuthi ubefunwa ngumqeqeshi uqobo. Lokho kusho ukuthi amathuba okuthio adlale makhulu, okuyinto enhle ngoba sonke simbonile ukuthi ubenza kahle kanjani.

“Uma engaqhubeka kulefomu abekuyo, angingabazi ukuthi maduze nje engazithola eseseqenjini lesizwe ngoba neminyaka isamvumela,” kusho lo mthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.