IStellenbosch seyiqinisekisile ukuthi uDu Preez uya kwiChiefs

IStellenbosch seyiqinisekisile ukuthi uDu Preez uya kwiChiefs
U-Ashley Du Preez osezoyogijima kwiKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

IStellenbosch FC seyisheshe yakuveza ukuthi seyimdlulisele kwiKaizer Chiefs u-Ashley Du Preez ongomunye wabadlali abenze kahle kule sizini esanda kusongwa.

UDu Preez nozakwabo odlala emuva uZitha Khwinika, obaziwa ngoMacheke phambilini, bazobe sebegijima kwiChiefs uma sekuqala isizini entsha yeDStv Premiership ngo-Agasti.   

“Akulula ukushiya iqembu elifana neStellenbosch, idolobha lakhona lingenzele okukhulu, abantu bakhona bangenzele izinto ezinkulu,” kusho uDu Preez.  

“Ngibonga angiphezi kubaphathi, abaqeqeshi, uGarth Le Roux noRob Benadie. Ngibabonga ngokuthi bangesekile. Ngibonga umphakathi ngokungeseka kwabo,” kusho lo mgadli oneminyaka engu-24.

Njengoba kulindeleke ukuthi iChiefs idedele abagadli bayo oLeonardo Castro noSamir Nurkovic, uDu Preez uzofika ngesikhathi adingeka ngaso kakhulu kwiChiefs. 

FUNDA NALA: OwePirates uthi bazobhudluza iSuperSport United ukuze bathole indawo kweyeCaf

UKhwinika yena cishe useyovala isikhala esizovuleka uma sekuhambe oDaniel Cardoso noMulomowandau Mathoho okuthiwa bazodilizwa njengoba umqeqeshe omusha u-Arthur Zwane elibumba kabusha iqembu.  

“Ngiyabonga kakhulu kwiStellenbosch, ikakhulukazi umqeqeshi uSteve Barker, Rob Benadie, nabadlali bonke,” kusho uKhwinika.  

“Bangisize kakhulu ekutheni ngibe yilo mdlali enginguye namuhla. Ngibonga wonke umuntu kusuka kubadlali, abasebenzi nabalandeli ngothando abangikhombise lona.”

UBarker uthe kuzoba nzima kuye ukuvala izikhala zalaba badalli kodwa wabafisela impumelelo eNaturena la sebezitholele khona ikhaya elisha.

Kulindeleke ukuthi iChiefs yamukele laba badlali noSiyethemba Sithebe oqhamuka kuMaZulu kuleli viki bese imemezela nokuthi uHappy Mashiane yena uzoyodlalela iStellenbosch ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.