IStellies igoloze kwalunga ibambana neSundowns

IStellies igoloze kwalunga ibambana neSundowns
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Igoloze ukufa iStellenbosch FC ukunikela ngamaphuzu amathathu kwiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo kusihlwa.

ISundowns beyiye kulo mdlalo obuseDanie Craven Stadium eKapa kuyiyo ebhekwe ukuba iwine.

Nokho ifike isimo singelula futhi kuke kwanesikhathi la bekungathi ingase ibuye ishwiba izandla.

Nokho ikwazile ukuvikela irekhodi layo lokungehlulwa njengoba lo mdlalo weDStv Premiership ugcine uphele ngo 1-1.

IStellies ikhombise isibindi zisuka nje. Beyingazimisele ukuthi izohlulelwa esibayeni sayo.

Nokho iSundowns ikukhombisile ukuthi inamava njengoba beyilokhu yenza izinto ngendlela yayo.

Beyiyiqala emuva iminyakazo yayo bese inyuka nalo ibhola. Iwatholile ke namathuba kodwa yafica uStephen Sage elwa emapalini eStellies.

Nalo iqembu lasekhaya belingazibekile phansi njengoba belilokhu lizama ukuhlasela ngokuzuma kwiSundowns.

Omunye wale mizamo yayo igcine ithele izithelo ezinhle. Bekungumzuzu ka-43 ngesikhathi u-Ashley Du Preez egqashuka kwesokunxele.

Ugijime noKhuliso Mudau waze wangena naye ebhokisini la azame khona ukumjika kodwa lesi sitobha sase simbhodolosha, unompempe walikhomba emlotheni.

KUbe sekuphakama uJunior Mendieta wamphambanisa nebhola uKennedy Mweene ozame konke ukumsabisa.

Lo nozinti ubememeza ethi uyazi ukuthi uzolishaya ngaphi leli bhola, kodwa wagcina ephambana nalo lagaxela enethini.

ISundowns imphumuzile uMudau njengoba engazange esabuya ngesiwombe sesibili indawo yakhe yathathwa uThapelo Morena.

FUNDA NALA: UMmodi uweze i-Arrows kwiChippa 

Esiwombeni sesibili leli qembu laseChloorkop bese livunwa wumoya kule nkundla kanti akulithathanga isikhathi eside ukuthi libuye emdlalweni.

Bekungumzuzu ka-59 ngesikhathi uLyle Lakay ededela ishodi engaphandle kwebhokisi leStellies, lamudla uSage.

Kube sekucaca ke ukuthi sekusukile lokho futhi sekuyoba nzima ukuthi iStellies iyivimbe iSundowns ekutheni ihambe nawo ephelele amaphuzu.

Nokho iStellies ilwile ke isikhalela ukuthi okungenani iqembu ngalinye alilale nephuzu elilodwa.

Iphuzu liqinisekise ukuthi iSundowns isazihola phambili kanti yenuse igebe laba ngelamaphuzu ayishumi.

IStellies isasendaweni yesithathu njengoba isinamaphuzu angu-22 ngemuva kwemidlalo engu-14.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.