IStellies inyukele endaweni yesibili kwilogi idla iRockets

UJudas Moseamedi

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kugqame ukungawasebenzisi amathuba ngendlela ngesikhathi iTS Galaxy ishaywa yiStellenbosch ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium, ngoLwesithathu.

Bekubukeka sengathi womabili amaqembu angalishaya noma yinini igoli ngendlela umdlalo oqale ngayo ngesiwombe sokuqala. Nokho kuze kwashintsha umdlalo ibhola lingayiqabulanga inethi.

Okuqaphelekile ngesiwombe sokuqala ukuthi womabili amaqembu enze amaphutha emuva kodwa langaba khona elikusebenzisayo lokho. IRockets iphoqelekile ukufaka u-Augustine Kwem endaweni kaMthobisi Mngomezulu obeselimele ngomzuzu ka-44.

Ngesiwombe sesibili kube yisimo esifanayo sokungawasebenzisi ngendlela amathuba. Kwale ngisho abaqeqeshi bala maqembu sebelwenzile ushintsho kodwa langavuma ukuqhamuka igoli.

U-Ethan Brooks ubebukeka eyingozi njalo uma ephethe ibhola ngasohlangothini lweGalaxy. Nokho ibhola belifike lilahleke uma esefike endaweni eyingozi.

Ngasohlangothini lweStellies u-Ashely du Preez ubengena kahle ezikhaleni kodwa okuhlalukile ukuthi bebesheshe bamkeqe ukuze angaze aqaqe ngejubane abheke emapalini njengokujwayelekile.

Igoli lize laqhamuka ekugcineni ngesikhathi uJudas Moseamedi ekhahlela ibhola lashaya kuGiven Msomango, obezama ukulivimba, lakhala phakathi ngomzuzu ka-88.

Ukuwina kweStellies kwenze yanyukela endaweni yesibili kwilogi ngaphambi kokuthi kudlale eminye imidlalo yeligi ngoLwesithathu. IRockets yona isahleli endaweni ka-15 njengoba idlale ishayiwe.

Lona bekungumdlalo wokugcina wonyaka phakathi kwala maqembu. Imidlalo yePremiership izogcina ngoLwesine ize ibuye ngoJanuwari 16.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.