IStellies iqinise indawo kwiTop 8 yePremiership

Sihle Ndlovu

IStellenbosch FC ithele kamuva ngesikhathi ibambana neSekhukhune United ngo 1-1, emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoMgqibelo ntambama.

Ukudlala ngokulingana kweStellies kuyenza iqinise indawo yayo kwiTop 8, njengoba isihleli endaweni yesihlanu kwilogi yePremiership. Ngakolunye uhlangothi iSekhukhune ikhona nayo kwiTop 8 njengoba iyibambe endaweni yesishiyagalombili.

Sezihubela sakusha manje futhi amaqembu asezolwa kakhulu ebanga ukungena kwiTop 8 ehambisana nokudlala kwiMTN 8 ekuqaleni kwesizini.

Ngakolunye uhlangothi emsileni kuminyene utshumo njengoba amaqembu ezama ukungadliwa yizembe. Emaqenjini angaphephile ezembeni kubalwa imaritzburg United, Chippa United, Swallows FC, TS Galaxy neBaroka FC.

Igoli leSekhukhune United lishaya uJustin Shonga ngesiwombe sokuqala nokube uqethu omuhle kakhulu. EleStellenboshc lishaywe uJuan Ortiz ngesiwombe sesibili, kwajabula umqeqeshi uSteve Barker.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.