IStellies iwine owomkhaya weligi obuvutha bhe eKapa

UTerence Mashego weCape Town City ezama ukuvimba ukuhlasela kweStellebosch FC

SIHLE NDLOVU

IStellenbosch FC ibuye namaphuzu aphelele emdlalweni womkhaya weDStv Premiership neCape Town City, obushisa eCape Town Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ntambama.

Kulo mdlalo ophele ngo 2-1 bekungelula nakanca ukusho ukuthi yiliphi iqembu ebelizogcina ligobe uphondo.

Bezithengana zisuka nje, kubatshazwa iCity ngapha, kubuye kuvalwe amehlo isifikile iStellies emapalini eqembu lasekhaya. Nokho kubukeke kuyiStellenbosch ebicindezela kakhulu emizuzwini yokuqala yesiwombe sokuqala.

Ukuhlasela kweStellies kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-14 ngesikhathi uMogamad de Goede eshaya elihle igoli. Uthole ibhola esebhokisini kade kuyikhona ebishaywe uMarc van Heerden, iCity yehluleka ukukhipha umhlolo ekhaya. Lizithele kuDe Goede wadonsa imbumbulu laduma phakathi.

Kube sengathi yinkabi ethelwe ngezibonkolo iStellies ngemuva kwaleli goli. Ibivakasha kuvalwe amehlo emzini weqembu lasekhaya. Ngomzuzu ka-22 u-Ashley du Preez udonse intambo ayivimbile unozinti weCity, uPeter Leeuwenburgh.

Ukungalishayi leli goli kweStellies kubukeke kuyiphutha elikhulu njengoba ngomzuzu ka-23 u-Aubrey Ngoma eshaye igoli lokulinganisa leCity. Uthole enhle iphasi ebivela kuTerence Mashego, wangacucuza walibeka phakathi.

Ngemuva kwalokhu zishintshile izinto kwaba yiCity ebisiphethe umdlalo, iphaselana ibhola ngobunono. Ngomzuzu ka-38 iStellies ithole ifree kick eshaywe uNathan Sinkala yancwida i-crossbar yaphumela ngaphandle, engayiboni nhlono uLeeuwenburgh.

Ngesiwombe sesibili yiCity eqale ibukeka iyingozi. UVan Heerden ukhiphe ibhola ebeliyongena phakathi lishaywe uNgoma ngomzuzu ka-46. Kuthe kusabatshazwa lokho uDu Preez washaya igoli elishiye uLeeuwenburgh eneke amanabukeni ngomzuzu ka-49, yaphinde yahamba phambili ngo 2-1 iStellies.

Umdlalo uqhubekile nokushisa kodwa kucaca ukuthi iStellies ibingasafuni ukudedela elinye igoli. Ngomzuzu ka-65 ibhola elikhahlelwe ngu-Abdul Jeleel Ajagun, obedlala umdlalo wakhe wokuqala kwiCity, livundle nobuso bamapali sekuvalwe amehlo.

UDe Goede ucishe waqeda nya ngeCity ngomzuzu ka-81 edonsa intambo ephume eceleni kancane kwepali. ICity ibingafuni ukulahla ithemba nokho. Kuthe ngomzuzu ka-83 uTaariq Fielies wakhahlela ibhola ebelibukeka liyongena phakathi kodwa waphila uSage Stephens emapalini eStellenbosch.

Ukushaywa kweCity kusho ukuthi sekuphele imidlalo eyisishiyagalombili ingayazi iwini kuyona yonke imincintiswano.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe.com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.