‘ISulumane’ lincoma inkululeko eliyinikwe kwi-Arrows elivuselele

'ISulumane' lincoma inkululeko eliyinikwe kwi-Arrows elivuselele
UNduduzo "iSulumane" Sibiya weGolden Arrows
Alfred Ngubane 

Umdlali wasesiswini kwiGolden Arrows uNduduzo “iSulumane” Sibiya uthi okumenze wabuyela efomini yakhe futhi adlale kahle ukuthi umqeqeshi obambile uVusimuzi “Kanu” Vilakazi uyamkhulula ukuthi adlale ibhola lakhe.

ISulumane, okuyigama abizwa ngalo ozakwabo uSibiya, lingabanye babadlali be-Arrows okuphele isizini bedlala ibhola elihle futhi nguye osize leli qembu lijuqe omkhaya AmaZulu emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

“Umqeqeshi uKanu ungazi kahle kusukela ngisesezinkulisa zaleli qembu kuze kube yimanje,” kusho uSibiya

“Enye into engibambezelile wukulimala njalo. Lokhu kwenze kwanzima kakhulu ukugcina umgqingqo wami,” kuchaza yena.

Ebuzwa mayelana nokungabizwa kwakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana, uthe uyafuna ukulidlalela kodwa okwamanje usagxile kwi-Arrows.

FUNDA NALA: ISundowns isiphinde yawancintela amaqembu abethembile ithatha uMbule

“Into ebalulekile kimi njengamanje wukuzibekela indawo yami kwi-Arrows. Ithuba leBafana liyovela uma ngiqhubeka nokwenza kahle lapha ekhaya.”

Ukuwina kwe-Arrows bekubalulekile njengobakuyifake ngomlenze owodwa emaqenjini ayisishiyagalombili ephezulu kwilogi.

Isangaphuma uma i-Orlando Pirates ingaphinde iphendulwe iminqolo yiSuperSport United ngoMsombuluko ozayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.