ISundowns ‘ibophe’ izihlabani zayo ngezinkontileka ezinde

ISundowns 'ibophe' izihlabani zayo ngezinkontileka ezinde
U-Andile Jali

ESIZIZWA NGANDLEBENYE

ZIBHALWE: Igenge yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns seyilule izinkontileka zabadlali bayo abahamba phambili, yabasayinisa izinkontileka ezinde ezizobagcina eChloorkop isikhathi eside.

O-Andile Jali, Rivaldo Coetzee, Themba Zwane, Lyle Lakay, Lebohang Maboe noMosa Lebosa, bonke sebezelulile izinkontileka zabo ezizobenza baqhubeke nokuhlala kwiBrazilians.

UJali noZwane banikwe eminye iminyaka emithathu ukuthi babe kuMasandawana. OMaboe noCoetzee bona basazodlalela iSundowns eminye iminyaka emihlanu. ULebusa noLakay banikwe iminyaka emine emunye.

“Iqembu bukemele ‘libabophe’ ngemuva kokuxhumana nethimba labaqeqeshi. Balinde abaqeqeshi ukuthi babanike umbiko wabo ukuze babe nesiqiniseko sokuthi yibaphi abadlali abadingekayo ukuze baqinisekise ukuthi bayahlala.

“Iqembu alisafuni ukuba nabadlali abaningi kakhulu okuholela ekutheni iningi labo lingabi yingxenye yeqembu elidya emidlalwlweni, bagcine bewumhlobiso nje. Isikwati sizokwehliswa kakhulu. Silindele ukubona ukuthi obani abazodedelwa kodwa bakhona impela abangase babone abeza ngayo,” kusho umthombo.

FUNDA NALA: Kusolwa ukuhluleka ukuziphatha ngokunyamalala kowayefunwa yiChiefs neSundowns

Bonke laba badlali abelulelwe izinkontileka bebeyingxenye enkulu yeqembu ngesikhathi livikela isicoco seligi. Yingakho iqembu liqoke ukushesha likuqinisekise ukuthi liyabagcina.

Kwabangase bakhonjiswe amasango eChloorkop kukhona noGeorge Maluleka osanda kufika kuleli qembu esuka kwiKaizer Chiefs. UMaluleka ubelizwa ngendaba ijezi kwiSundowns ngesizini edlule.

Abanye abangase bahambisane noMaluleka ngoSammy Seabi, Soumahoro Bangaly noLucky Mohomi. ISundowns seyivele yehlukene nenkunzi yayo ekade yayidonsa, uTiyani Mabunda ophelelwe yinkontileka ayangavuselelwa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *