ISundowns ibophisa uMosimane, ifuna izizumbulu imsola ngobuqola

UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi uyashuba umbango ophakathi kweMamelodi Sundowns nobengumqeqeshi wayo, uPitso Mosimane njengoba sebefakene enkantolo. Kuvela ukuthi iSundowns ifuna uR8-million eyawunikeza umkakhe ophinde abe yimenenja yakhe, uMoira Thlagale ngesikhathi besayina inkontileka entsha.

Le mali kuthiwa ingu-10% iqembu eliwukhokhela imenenja. Into eyenza iSundowns iyifune imali wukuthi uMosimane wephule isivumelwano njengoba asula waya kwi-Al Ahly e-Egypt.

Iphephandaba langempelasonto, iSunday World liphume nombiko othi iSundowns ifake amaphepha ngalolu daba eJohannesurg High Court ngoLwesithathu oludlule. Kula maphepha iSundowns ithi ngoMeyi 20, 2020 uThlagale neqembu basayina isivumelwano sokuqasha uMosimane njengomqeqeshi sezinyanga ezingu-48.

Le nkontileka yaqala ngoJuni 1, 2020 kanti kwakulindeleke ize phele ngoMeyi 31, 2024. ISundowns ithi yakhokhela uThlagale uR8 632 260 okuyingxenye engu-10% wesibonelelo sengemenenja.

Ukungezwani Phakathi kukaMosimane
neSundowns kuhlale obala ngesikhathi
efike kuleli ne-Al Ahly bezodlala umdlalo
weCAF Champions League

Abammeli beSundowns bathi iqembu laqoka ukuyikhokha yonke ngesikhathi esisodwa kunokuthi iyihlukanise, ikhokhe ingxenye njalo uma eqeda isizini. Bathi uMosimane noThalagale bavuma ukuthi bayoyibuyisa le mali uma eshiya singakapheli isivumelwano njengopba kwenzekile.

Kuphinde kwavela ukuthi ngokwalesi siumelwano, iSundowns yavuma ukukhokhela uMosimane umholo kaR1.5-million ngenyanga. Kuphinde kufakwe nomhlomulo wemali ephakathi kukaR5 000 noR8 000 ngaphezulu ngomdlalo ngamunye awuwinile.

Kukhona nengxenye engu-10% ebitholwa nguMosimane uma bewine indebe. Leli qembu lisola uMosimane ngokuliqola njengoba anqamula inkontileka esasebenze izinyanga ezine ngemuva kokuyisayina.

“Umsolwa wesibili (uMosimane) wasebenza kumqashi wakhe izinyanga ezine kuphela kulezi ezingu-48 okwakuvunyelwene ngazo. Njengoba umsolwa wesibili ayinqamula ngoSepthemba 30 inkontileka yakhe, umqashi ukweletwa uR7 912 905 wesibonelelo salezi zinyanga ezingu-44 angazisebenzanga,” beyifundeka kanje ingxenye yamaphepha afakwe enkantolo.

Kula maphepha iSundowns ithi ngoMeyi 20, 2020
uThlagale neqembu basayina isivumelwano sokuqasha
uMosimane njengomqeqeshi sezinyanga ezingu-48

Ukungezwani Phakathi kukaMosimane neSundowns kuhlale obala ngesikhathi efike kuleli ne-Al Ahly bezodlala umdlalo weCAF Champions League. Ibhasi le-Ahly lavinjwa ngabalandeli beSundowns ababephethe izingqwembe ezibhalwe inhlamba ebhekiswe kuMosimane, bamthuka bambiza nangaphansi kweziketi zikanina. Nalu udaba: https://bit.ly/3yPof9N

Kuvele nokuthi ukungezwani kwaqala kudala ngesikhathi uMosimane egoloza ukuxolisa ngamazwi angemahle awasho kubalandeli beqembu ngemuva kokuwina isicoco seligi okokuqala.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwake kwaba nokungathokozi kwabalandeli ngoMosimane njengoba imiphumela yayimphika esanda kufika. UMosimane waklolodela abalandeli ebuza ukuthi bathini ke manje njengoba esewine iligi.

Obengumengameli qembu, uPatrice Motsepe wamnxusa ukuba axolise ngalokhu, kodwa wagcina egolozile, wathi yena ngeke akwenze nje lokho. Kuthiwa kwaqala lapho ukuba kube nezinkinga.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.