OkaDonga Gumbi
Sifezekile isifiso seMamelodi Sundowns sokuphipha zonke izindebe kuleli njengoba isiwine neNedbank Cup okusho ukuthi zonke izindebe ziya eChloorkop kule sizini.
ISundowns yaqala ngeMTN8 yayisa ekhaya, yalandela ngesicoco seDStv Premiership eyasheshe yacacisa ukuthi ngeke isidedele njengoba seyifake neNedbank Cup emxhakeni.
ISundowns yiyo vele ebibhekiwe ukuthi iwine lo mdlalo kwazise isefomini enhle kodwa iMarumo Gallants ebibhekene nayo eRustenberg ayizange izibeke phansi.
Empeleni nje leli qembu likaDan Malesela kumele liziqhenye ngokuthi alivumanga iSundowns izenzele kulo mdlalo njengobekulindelekile.
EzikaManqoba Mngqithi noRulani Mokwena zilishaye ngomzuzu wokugcian igoli lokuwina sekubhekwe ukuthi kuyoqedelwa indaba phansi kwepali.
FUNDA NALA: IRichards Bay ithenjiswe uxhaso lwezigidi ngumasipala
Igoli lize laqhamuka ngomzuzu ka-33 ngonyawo lukaPeter Shalulile obeloikhu eliphela endlebeni ezitobheni zeGallants.
ISundowns ibe seyilicindezela futhi isiwulawula umdlalo. Kodwa kubuywe esiwombeni sesibili neGallants seyidlala kangcono impela futhi izama ukuthola igoli lokulinganisa.
Kuthe sekusele ngaphezulu kancane kwemizuzu eyishumi umdlalo uphele, yalithole leli goli ebilihangazela ngemehlo abomvu.
Kube yibhola eligotshwe nguCelimpilo Ngema kwesokudla laphelela ekhanda likaJunior Dion obesanda kungena, walingqofela enethini.
Yilo leli goli elenze kuyiwe esikhathini esengeziwe nala uNdabayithethwa Ndlondlo ekhishwe khona ngekhadi elibomvu.
UKushoda kuyenze yatatazela yaze yagcian seyenza namaphutha amaningi nokuyikhona la iSundowns ibe seyikhombisa amava ayo, yawudla lo mdlalo.