ISundowns ifuna oweRoyal AM, ingase iyinunusele ngabadlali

ISundowns icathamela oweRoyal AM, ingase iyinunusele ngabadlali
Intatheli yeMpempe

Kunomdlali weRoyal AM osehehe amehlo abaqeqeshi beMamelodi Sundowns futhi kuthiwa izokwenza konke okusemandleni ukumthola.

Impempe ihletshelwe ngosondelene nalo mdlali ukuthi usezwile ukuthi uyafuneka eChloorkop futhi lokho kumjabulise kakhulu.

Ngokusho kwalo mthombo lo mdlali nguShauna Mogaila osanda kufika kuleli qembu likaMaMkhize njengoba eqale ukudlala kulo ngoJanuwari.

Ngaphambi kwalokho uMogaila ubekwiTS Galaxy kodwa yamdedela ngoJanuwari njengoba ebesethengwa yiRoyal AM.

“Ngicela ungaqale ungiveze okwamanje ngoba uzongisola ngokuthi ngiveze izinto amaqembu engakaxoxi kwakuxoxa.

“Basamthintile nje yena ukuzwa ukuthi ukusiphi isimo nokuthi engavuma yini uma kungaunyelwana ngokuthi aye kwiSundowns.

“Kodwa kumjabulise kakhulu. ISundowns kuthiwa imfuna ngenxa yendlela yakhe yokudlala enejubane.

“Ngizwe kuthiwa abaqeqeshi babonile ukuthi bayabadinga abadlali abanejubane ikakhulukazi emidlalweni yeChampions League.

“Bafuan ukuthi uma bedlala ekuhambeni bakwazi ukugada emuva bese behlasela ngokuzuma besebenzisa ijubane.

FUNDA NALA: IPirates izokwenza izinguquko kubaqeqeshi, kodwa ngeke baxoshwe oNcikazi noDavids

“Banaye uThabiso Kutumela kodwa uyedwa njengamanje kwabanejubane ngakho badinga omunye kanti uShauna babone kunguye ongangena khaxa kulesi sikhala abanaso,” kucahaza lo mthombo.

ISundowns kuthiwa seyivele imtholile uSipho Mbule njengoba seyiqalile ukulungiselela ukuqhubeka nokubusa nangesizini ezayo.

Kuthiwa ifuna ukuthi ivale bonke abadlali abasha sebesayiniwe futhi sebazi ukuthi badingeka nini eChloorkop ukuzoqala amalungiselelo.

“Indlela emdinga ngayo iSundowns kungenzeka inikeze iRoyal AM abanye babadlali bayo ukuze iyilinge ukuze ivume.

“Nabahambayo bazotshelwa ngemuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ngoba abafuni kube nokudideka uma sebeqala belungiselela isizini,” kusho umthombo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.