ISundowns ifuna ukubutha zonke izicoco edlala kuzo, kusho uLyle Lakay

ULyle Lakay weMamelodi Sundowns

OKADONGA GUMBI

Kulula ukuqonda ukuthi kungani umdlali weMamelodi Sundowns, uLyle Lakay ethi leli qembu laseChloorkop kumele liqoqe zonke izicoco eziphambi kwalo kule sizini.

Indlela elihlanganiswe ngayo leli qembu eliphekwa ngokubambisana ngoManqoba Mngqithi, Rulani Mokwena noSteve Komphela, yenza likwazi ukudlala ngezindlela ezihlukene ngokuhlukana kwesimo elisuke libhekene naso emdlalweni ngaleso sikhathi.

Ikukhombisile lokhu kwiBaroka iyihlasela ngokuzumisa ukuze ithole amagoli amabili ewine ngawo umdlalo weDStv Premiership ngoLwesithathu.

IBakgaga beyiyimise kabi iMasandawana futhi kubukeka ingase ihambe nokuthile kulo mdlalo obuseLoftus Stadium, kodwa iSundowns yajika isitayela ebisidlala qede yashaya amagoli.

“IBaroka ihlezi isixaka ngisho ungabheka imidlalo yaphambilini – isixaka ngisho sisekhaya. Sayishaya emzuliswaneni wokuqala ngakho besinalo ulwazi ngokumele sikulindele kuyo.

“Bayiqembu elithanda ukukubamba ngokukuzuma uma beke bathola ibhola beza sebendiza besebenziza kuwe abadlali babo basemasayidini.

“Thina senze isiqiniseko sokuthi sivala thaqa emuva nokuthi amathuba esiwatholayo – kube nelilodwa noma amabili esiwayekile – siyawasenzisa. Sishaye amagoli amabili sangangenelwa goli okuyinto ebalulekile,” kuchaza uLakay ngemuva komdlalo wangoLwesithathu.

Amehlo aMasandawana asethe njo phambili kwazise bafuna ukuqinisekisa ukuthi abaphazamiseki emkhankasweni wabo wokuwola zonke izicoco ezisele kule sizini.

ISundowns izobhekana neCR Belouizdad yase-Algeria eStade du 5 Juliet ngoLwesibili oluzayo emdlalweni wayo wesibili kwiCAF Champions League esigabeni samaqoqo.

“Sekumele siqhubekele phambili. Siyahamba kusasa silibangisa e-Algeria, futhi kuhle ngoba sihamba siwinile sinomuzwa wokunqoba.

“Sifuna ukuwina yonke imidlalo. Sifuna ukuwina zonke izicoco eziphambi kwethu. Sesijahile ukuqhubeka la sigcine khona – kodwa okwamanje sizophumula bese siqhubeke namalungiselelo uma sesise-Algeria.

“Siyowina laphaya. Sifuna amaphuzu agcwele,” kusho uLakay. ISundowns iyona ezihola phambili kuGrpup B la iboshelwe khona neBelouizdad, TP Mazembe yaseCongo DR ne-Al Hilal yaseSudan abayishaye ngo 2-0 ngempelasonto edlule.

ISundowns izolwela ukuqeda iphezulu kuleli qoqo ukuze igweme ukubhekana ne-Al Ahly kaPitso Mosimane esigabeni esilandelayo somkhumulajezi.

I-Al Ahly kulindeleke iqede iphezulu kuGroup A la iqhathwe khona neSimba SC yaseTanzania, AS Vita Club yaseCongo DR ne-El-Merrick yaseMorocco.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *