ISundowns igcine seyidlalela ukungehlulwa ngembudlu e-Angola, kuvuma uRulani

ISundowns igcine seyidlalela ukungehlulwa ngembudlu e-Angola: Rulani
OkaDonga Gumbi

Ukhumbule isifundo asithola kumqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp oweMamelodi Sundowns sebethwele uthayela kunomoya e-Angola.

Lesi sifundo sikhunjulwe nguRulani Mokwena ongumqeqeshi ngokubambisana noManqoba Mngqithi kwiSundowns.

Uthi esiwombeni sesibili kudingeke bajike izinto ngesikhathi belandela ngemuva kwiPetro de Luanda emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo.

Kuyiwe ekhefini iSundowns ilandela ngemuva ngo 2-1 futhi kucaca ukuthi izinto ziyabhimba njengoba leli qembu lase-Angola belibuya liphindelela lifuna elinye igoli.

“KwiSundowns yonke imidlalo siyidlalela ukuyiwina, siye laphaya sifuna ukuwina,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.

“Kodwa ngikhumbula into engayitshelwa uJurgen Klopp ngesikhathi ngiyothekela ulwazi kwiLiverpool. 

“Bengingacabangi ukuthi ngiyoke ngikwenze lokho ngoba ngingumqeqeshi ohlezi efuna ukuwina yonke imidlalo.

“Ebholeni kuphakathi kokuthi uyawina, uyahlulwa noma udlala ngokulingana. Yilokho okusuke kungenzeka uma uya emdlalweni.

“Kodwa ke uKlopp wathi kimi, ‘uma ufuna ukuphumelela ebholeni, kumele uvume ukuhlulwa emidlalweni okufanele uhlulwe kuyo’.

“Nami ngicabanga ukuthi sihlulwe emdlalweni obekufanele sihlulwe kuwo ngoba ukuhlulwa kwethu akusikhiphi kulo mqhudelwano futhi sisenethuba lokulungisa umphumela. 

“Into esiyitshele abadlali ngesikhathi sekhefu wukuthi kumele sizame ukulawula umdlalo. Sibatshele ukuthi uma kuba negoli, kumele lishaywe yithi, hhayi bona.

“Uma kungenjalo, kumane kungabi nagoli. Sikwenze kahle ke lokho,” kuchaza lo mqeqeshi osemncane kodwa onconywa ubuhlakani.

Uthe bazokhetha okuhe abakwenzile kulo mdlalo bese bakhela phezu kwakho uma sebelungiselela umdlalo womlenze wesibili ePitori ngoMgqibelo.

FUNDA NALA: Ubadabule ekugcineni abakuleli kwiTwo Oceans umsubathi wase-Ethiopia

“Sithatha okuhle kulo mdlalo okuwukuthi sikwazile ukushaya igoli lasekuhambeni elibaluleke kakhulu.

“Umphumela wanamuhla awujiki lutho ngoba sisangakwazi ukuthi siwine emlenzeni wesibili ekhaya.” 

Uvumile nokuthi lokhu kuhlulwa kwabo kube yisikhumbuzo sokuthi abayona inqanawe, bayashayeka nabo.

“Lo mphumela usinike izifundo eziningi futhi usikhumbuza ukuthi siyashayeka nathi. Siyazamukela lezi zifundo ngokukhulu ukuzithoba.

“Sizoqhubekela phambili. Osekusisalele manje wukuthi siphulukise iqembu. Sizophinde siwubuke lo mdlalo bese sibona lapho kumele silungise khona. Sizofika kweyandulela owamanqamu.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.