ISundowns ikhiphele isibhongo kwiTeam of Choice iyibhonya eMphithi

UCassius Mailula weMamelodi Sundowns

 

IMamelodi Sundowns ibhonye iMaritzburg United kabuhlungu ngo 5-0 emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ebusuku.

Kubukeke sengathi iSundowns ifike kulo mdlalo idinwe kakhulu kulandela ukushaywa yi-Orlando Pirates ngo 3-0 emdlalweni weMTN8 ngempelasonto. Ibizenzela nje ikakhulukazi esiswini, kanti abadlali beTeam of Choice bebeyilahla ngokufuna ukudlala ibhola elisheshayo leDowns.

Kusheshe kwabahlula lokho ngesikhathi uHaashim Domingo eshaya igoli lokuqala ngomzuzu ka-26. Bathe nesanambitha lokho wabuya uThapelo Morena washaya elesibili ngoka-29 kwacaca ukuthi usenkingeni uJohn Maduka nezakhe.

Ukuzama ukuthola igoli kweMaritzburg kudale ukuthi ligcine likhale ngakuyona ngomzuzu ka-45 zaya ekhafini isilandela ngemuva ngo 3-0. Leli goli lishaywe umdlali wayo omusha uCassius Mailula.

Esiwombeni sesibili uMaduka wenze ushintsho yabukela ingcono iTeam of Choice. Nokho beyithi isazama ukuhlasela iSundowns ithathe ibhola iyolibeka enethini kuphele kanjalo.

Kwenzekile ngomzuzu 67 uDomingo eshaya igoli lakhe lesibili, wabuya noMailula washaya elesibili ngoka-76.

Ukuwina kweSundowns kuqinise indawo yayo esicongweni njengoba isinamaphuzu angu-25.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *