ISundowns ikujulukele ukuthola iwini koweChampions League

ISundowns ikujulukele ukuthola iwini koweChampions League
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns izibeke endaweni enhle njengoba iwuqale ngewini umkhankaso wayo esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ishaya i-Al Hilal yaseSudan.

ISundowns iwine ngo 1-0 kulo mdlalo obuseRoyal Bafokeng Stadium eRistenburg, eNorth West ngoLwesihlanu kusihlwa.

Igoli ewine ngalo iSundowns lisheshe langena futhi bekungathi lizokwelanywa amanye amaningi kodwa kwagcina kube yilo lodwa.

Bekungumzuzu wesishiyagalombili ngesikhathi uThemba Zwane efica ibhola isitobha ebesithi siliphasela unozinti qede waliphambanisa naye.

Iwatholile amanye amathuba ebingashaya ngawo amanye amagoli kodwa ayangawasebenzisa ngendlela efanele.

Mhlawumbe kumele kunconywe i-Al Hilal ngokungalehlisi izinga yize seyisheshe yangenelwa yigoli kwazise beyilwa nayo.

FUNDA NALA: I-Arrows itholwe inecala lokungahambisi izinto ngendlela ibhalisa umdlali

Nayo iwatholile amathuba okuthi idumaze iSundowns ebingakudingi ukungenelwa yigoli kulo mdlalo kwazise belizoyicindezela kakhulu.

Umdlalo uphele iSundowns seyibhincele nxanye njengoba i-Al Hilal beyisilifuna la elokulinganisa Kuthe sekusele imizuzu embalwa uphele umdlalo yalishaya kodwa kwasho ukuthi lingene kade sekudlaliswe kabi uDenis Onyango alangabalwa.

ISundowns yiyona esiphezulu kuGroup A la ine-Al Ahly, Al Hilal ne-El Mereikh okuyiqoqo elinzima kakhulu.

AmaZulu FC wona azoyiqala ngoMgqibelo eyawo imidlalo yesigaba samaqoqo njengoba iseMorocco ya iyogadulisana khona neRaja Casablanca.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.