ISundowns ilamulele abebesasaminyile idla isicoco seligi

ISundowns ilamulele abebesasaminyile idla isicoco seligi
OkaDonga Gumbi

Ilamulele abebesenokhwantalala lokucabanga ukuthi isangaqhuzuka bese bezithola beba nenhlanhla yokudla isicoco seDStv Premiership iMamelodi Sundowns isidla okwesihlanu kulandelana ngoLwesithathu kusihlwa.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba ibambane ngo 0-0 neCape Town City emdlalweni obushisa eLoftus Versveld ePitori.

AmaSandawana abevele eye kulo mdlalo eseshoda ngephuzu elilodwa ukuthi aqede nya ukuminya nokuqagela ngesicooc seligi.

Kubonakale zisuka nje kulo mdlalo ukuthi akuzuncwngwana njengoba iSundowns ibiphonsa yonke into kwiCity ifuna igoli.

Nayo iCity beyingazibeki phansi izama ukuvula indlela yokusondela epalini likaDenis Onyango kodwa kusho khona ukuthi icindezelekile.

Yize amathuba evelile esiwombeni sokuqala, alikho elicace kahle ngendlela yokuthi ungaze usole umdlali ngokuthi udlale ngalo kwaze kwayiwa ekhefini zisabambene.

FUNDA NALA: Isikhulu seChiefs sikhala ngehlazo elenziwe uNgcobo bedliwa yi-Arrows 

Esiwombeni sesibili iSundowns iqhubekile nemizamo yokuthola igoli kodwa kwasho khona ukuthi mhlawumbe inhlanhla beyingekho.

Maningi amathuba ewakhile, kanti o-Aubrey Modiba baze bagcina bekhahlela bekude bezama khona ukuhloniphisa umphumela kodwa kwala.

Kuthe sekusele imizuzu engaphansi kuka-15, iSundowns yenza izinguquko ezintathu ifaka oThabiso Kutumela, Lesedi Kapinga noSiphelele Mkhulise.

Bebethatha izindawo zoRushine De Reuck (olimalile), Bradley Ralani noNeo Maema njengoba beyiqhubeka nokuzama igoli lokujabulisa abalandeli.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.