ISundowns ilishaye layivuma induku iqhalaqhala eliwuBenni

ISundowns ilishaye layivuma induku iqhalaqhala eliwuBenni
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy ubebukeka ecasukile njengoba izinto bezilibhimbela iqembu lakhe.

Usuthu luyivule ngenduku isizini ka-2021/22 lushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 ePitoli ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kodwa uBenni ubesewehlisile umoya ekupheleni komdlalo esekhuluma nabeSuperSport TV, wayivuma iSundowns.

“Ngicabanga ukuthi kube wumdlalo omuhle kakhulu wokuvula isizini,” kusho uBenni. “Bekudlala amaqembu amabili adlala kahle kakhulu.

“Bakhukhombisile ukuthi kungani bengompetha. Kukhona lento abanayo. Abadingi amathuba amaningi ukuthi bawine umdlalo.

“Kodwa ke ngicabanga ukuthi bayiphiwe nje iphenathi, base beyibeka enethini kwaabe sebeqedile. Ngeke ke kodwa ngibasole abadlali bami.

“Senze konke ebesizibeke ukuthi sizokwenza kulo mdlalo. Ngicabanga ukuthi nenkundla isenzephansi ngoba beyishelelela futhi kubathathe isikhathi abadlali ukuyijwayela.

“Bebewa nasezindaweni ezinika iSundowns ithuba lokusihlasela uma seyothola ibhola mahhala. Kodwa uma kungathiwa angiphinde, ngeke ngashintsha lutho.

“Sibe nebhadi ukuthi singayinikwa iphenathi nathi ngesikhathi uDominguez elithinta ngesandla kodwa unompempe useyozisola eseyedwa uma eseyibuka,” kusho uBenni.

AmaZulu aqale umdlalo ebukeka ezokwenza okuthile kulo mdlalo njengoba abeyijijimeza iSundowns ngasekuqaleni komdlalo, bengayivumeli izenzele.

Kodwa noma kunjalo, iSundowns ayizange itatazele, ibilokhu ilincenga kancane nje ibhola izama ukulitamata.

Ikukhombisile ukuthi inamava ngaphezu kwaMaZulu kanti kuthe sekubalwa imizuzu kuyiwe ekhefini yacindezela iSundowns.

FUNDA NALA: ISwallows izoyeka ukudlalela ukungehlulwa kule sizini

Umnyakazo wayo wokuhlasela uphethe ngokuthi ibekelwe iphenathi kulandela ukuthi uThembela Sikhakhane ewise uPeter Shalulile ngaphakathi ebhokisini.

UThemba Zwane uyishaye ngobuchule iphenathi yakhe wamphambanisa nebhola uVeli Mothwa, lagaxela enethini.

Usuthu luzamile ukubuya ngesiwembe sesibili kodwa iminyakazo yalo beyihlangani ukuthi ibingaze ishaye igoli. Kube ngconywana sekungene uXola Mlambo kodwa nakhona amava eSundowns ahlala obala.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.