ISundowns inciphisele ‘isitha’ sayo uPitso umsebenzi ishaya i-Al Hilal

ISundowns inciphisele 'isitha' sayo uPitso umsebenzi ishaya i-Al Hilal
UPercy Tau we-Al Ahly
OkaDonga Gumbi 

IMamelodi Sundowns ifake isikhiye sokuvula umnyango obungase ube yinkinga kuPitso Mosimane, ‘isitha’  sayo esikhulu kwiCaf Champions League.

Lokhu kwenzeke ngokuthi iSundowns ishaye i-Al Hilal ngo 4-2 emdlalweni wayo ngoMgqibelo ntambama, okwenze leli qembu laseSudan lahlala emaphuzwini amane.

Ukube i-Al Hilal iwinile kwiSundowns, beyiyoya kwezikaPitso i-Al Ahly zivutha bhe zazi ukuthi zidinga ukudlala ngokulingana nje kuphela ukuze zidlulele phambili.

Manje izinto zijikile njengoba isuthiswe induku nje. I-Al Ahly yiyona esizidingela ukudlala ngokulingana kulo mdlalo ozoba ngoLwesihlanu lomhla ka-1 ku-Ephreli.

Uma iwinile noma idlale ngokulingana i-Al Ahly iyobe seyidlulela emzuliswaneni womkhumulajezi.

Njengamanje inamaphuzu ayisikhombisa kanti isele ngayisithupha kwiSundowns osekuqinisekisiwe ukuthi yiyo ezoqeda phezulu eqoqweni B.

UPitso usaphenduka ‘isitha’  kwiSundowns kusukela ashiya kuleli qembu hhayi kuphela ngoba la maqembu eyimbangi ezinkulu kodwa nokungezwani okukhona phakathi kwakhe nabaphathi eChloorkop.

I-Al Ahly izibeke ethubeni elihle nayo ngokuthi ishaye i-El Merreikh yaseSudan ngo 3-1 ngoLwesihlanu emdlalweni la bekubhoke khona uPercy Tau.

FUNDA NALA: UMokwena uncome ukuzinikela kwabeSundowns

Nokho uPitso umkhiphile lo mdlali yize bekunguye odlala kahle. Ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo, uthe ubeselimele.

“UPercy Tau ukhishwe ngoba ubelimele. Ubevele exhugela kodwa ukwazile ukuwuqala umdlalo futhi washaya negoli kodwa wabe esethinteka futhi,” kusho uPitso.

Ukhale nangegoli le-El Merreikh elimenze waphinda wakhala ngokuthi kumele kusetshenziswe iVAR kulo mqhudelwano.

“Umdlalo bewunzima kodwa okubalulekile wukuthi siwinile, saqoqa amaphuzu amathathu asibeka ethubeni elihle lokudlulela phambili.

“Kodwa ngiyaphinda futhi ngiyakusho lokhu, sisayidinga iVAR esigabeni samaqoqo kwiChampions League – ibalulekile.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.