ISundowns ingase ixoshise uKlate kwiChilli Boys

UDaine Klate ocija iChippa United

 

Sihle Ndlovu

IMamelodi Sundowns ingase ixoshise uDaine Klate kwiChippa United ingaqondile uma la maqembu esetholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

IChilli Boys akuyihambeli kahle kulezi zinsuku nokuyenza ukuthi ihlale ekugcineni ngci kwilogi yePremiership. Igcine ishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 3-2 emdlalweni weligi ngoSepthemba 3.

Leli qembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi lisakwaze ukuwina kanye emidlalweni eyisithupha lapho lishaye khona i-Orlando Pirates ngo 1-0, wagingqika phansi uKlate yinjabulo. Ngaphandle kwalokho lisadlale ngokulingana kabili lase lishaywa emidlalweni emithathu.

Uma kubhekwa izinto ezenzeka ngayo eqenjini likaKlate, maningi amathuba okuthi lithole isibhaxu kwiSundowns abangavamile ukuyishaya kungakhathalekile ukuthi kudlalwa ngaphansi komuphi umqhudelwano. Ukushaywa kweChilli Boys kungase kwenze uKlate akhonjwe eza ngayo yize kuke kwavela ukuthi enkontilekeni yakhe wasayina ukuthi ngeke axoshwe ingakapheli imidlalo eyishumi.

Kuyaziwa nokho ukuthi uMpengesi yindoda elala iphenduka futhi ayilokhu ibhala icisha uma kuza ekuxosheni umqeqeshi. UMpengesi uthembise ukuthi ngeke amxoshe uGavin Hunt ngesizini edlule kodwa lo mqeqeshi umisiwe ingakagamanxi nesizini, wagcina exoshiwe.

Baningi abanye abaqeqeshi abaxoshwe kwiChippa benze kangcono futhi besendaweni ekahle kwilogi kunoKlate. Ukuwina lo mdlalo kweChippa iyona yodwa into engenza uKlate alale ekhululekile ngoLwesithathu kungenjalo uzolala obenyoni.

Ngasohlangothini lweSundowns akungabazeki ukuthi izofika ivutha kulo mdlalo njengoba ishaywe yiSuperSport United ngo 2-1 emdlalweni weligi odlule. ISundowns akuvamile ukuthi ishaywe kabili kulandelana.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *