ISundowns iphinde yavulela induku kwezikaPitso

ISundowns iphinde yavulela induku kwezikaPitso
UPeter Shalulile noLyle Lakay
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns ikhombise ukuthi nayo seyifikile ezingeni le-Al Ahly iyishaya okwesibili kwiCaf Champions League.

Bese kungokwesibili aMasandawana eshaya leli qembu eliphekwa nguPitso Mosimane njengoba balishaya nase-Egypt emdlalweni womlenze wokuqala.

Zishukane zisuka nje kucaca ukuthi azizuncengana kulo mdlalo obuseFNB Stadium kwazise zombili beziyidinga iwini.

Kube yiSundowns evula inkundla ngomzuzu ka-26 kanti kube uPeter Shalulile obhakuzise inethi eqedela umnyakazo omuhle.

Maningi amanye amathuba womabili lamaqembu awatholile kodwa awangakwazi ukuwasebenzisa ngendlela efanele.

Nasesiwombeni sesibili zibuye zisagadulisana kodwa sekuyi-Al Ahly ephatha ibhola isikhathi eside yize beyihluleka ukuthola izintuba odongeni lwasemuva lweSundowns.

Ngomzuzu ka-72 uPavol Safranko yuhlule yimbuzi yethuba ezithola esebhekene ngqo nonozinti we-Ahly ovele wamgeza lo mgadli elivimba ibhola lakhe.

FUNDA NALA: IPirates isizoziduduza ngeConfed Cup kule sizini

UHossam Hassan naye uhlulwe elihle ithuba ngomzuzu ka-82, engqofa into efile nje ebe eyedwa ibholaselizeqile izitobha zeSundowns.

Ukuwina kweSundowns kuyigcina iphezulu kuGroup B njengoba seyinamaphuzu ayishumi okuyibeka ethubeni elihle lokuthi idlulele esigabeni somkhumulajezi.

I-Ahly yona sekuzomele iyiwine yomibili le midlalo eyisalele uma kuwukuthi izodlula kulesi sigaba okungaba yihlazo kwandise nengcindezi kuPitso uma kungenzeka iqhuzuke.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.