ISundowns iqede indlala yeMTN 8 ishaya iCity

UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isigcine iphelile indlala yesicoco seMTN 8 kwiMamelodi Sundowns njengoba iyiwinile ishaya iCape Town City sekukhahlelwa amaphenathi,

ISundowns iwine sekukhahlelwa amaphenathi kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ntambama.

Lezi zinkunzi zasePitori ziwine ngo 8-7 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi uphele zibambene.

ISundowns isheshe yalishaya igoli njengoba kuthe ngomzuzu ka-24 uThapelo Morena wayibeka phambili.

ISundowns izamile ukushaya elesibili igoli kodwa yahluleka njengoba unozinti weCity uHugo Marques ubala ukhasha.

Yize womabili amaqembu ebe nawo amathuba kodwa kuze kwayiwa ekhefini kusahamba phambili iSundowns.

Ibuye ingasagayelwe zinkobe iCity esiwombeni sesibili ilifuna la igoli lokulinganisa kanti neSundowns beyifuna elesibili.

ICity igcine ilitholile igoli lokulinganisa sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele, iCity yalithola igoli lokunganisa.

Bekuyiyo ke ephethe umdlalo ngemuva kwalokho kodwa yehluleka wukwakha amathuba acacile.

FUNDA NALA: UMokoena uthi ngeke aye kwiChiefs noma iSundowns, ufuna ukuya phesheya

Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 kwabe sekungenwa esikhathini esengeziwebukuze kubonakale ukuthi iliphi elizogcina ligobe uphondo.

Nakhona lapho ziqhubekele ngokugadulisana zizama ukuthi umdlalo ungapheleli kumaphenathi.

ICity izithole isidlala ngabadlali abangaphelele njengoba uNathan Fasika ekhiswe ngekhathi elibomvu esiwombeni sokuqala sesikhathi esengeziwe.

Lokhu bekulandela ukuthi enikwe ikhadi eliphuzi lesibili ngenza yokudlala kabi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.