ISundowns iqhubekile nerekhodi lokungashaywa emidlalweni yeligi

Mthokozisi Mncuseni

Mamelodi Sundowns (1) 1

Orlando Pirates (0) 0

IMamelodi Sundowns inwebe igebe esicongweni seDStv Premiership ngamaphuzu amathathu ishaya i-Orlando Pirates ngoMgqibelo, eLoftus Stadium.

Ngenxa yezinkinga ezahlukene kulo mdlalo kubonakale uWayne Sandilands ezintini zePirates.

NakwiSundowns izinkinga ziphoqe ukuthi bangaqali oThemba Zwane noHlompho Kekana.

Esiwombeni sokuqala iPirates ibiwuphethe ngale ndlela yokuthi kwesinye isikhathi ibithusa indlela abebephaselana ngayo.

Okusheshe kwacaca lapha ukungahoshelani phakathi kwamabhentshi womabili kugqame uRulani Mokwena noFadlu Davids kanjalo noJosef Zinnbauer.

Ngaphandle kwamathuba abengathusi nokho abedalwa yiPirates, uBen Motshwari noFortune Makaringe bebezenzela esiswini.

Kungalindelekile uThulani Hlatshwayo wenze iphutha ephusha uPeter Shalulile kwavela i-freekick ethathwe uRivaldo Coetzee.

Kube nesibhudubhudu lawela kuBrian Onyango ibhola lakhala kanjalo enethini ngomzuzu ka-35.

Esiwombeni sesibili iPirates iyona futhi ekhombise izimpawu zokufuna ngenkani ukulinganisa kodwa kufike kunqabe uDenis Onyango.

Indlela abese bebonana kahle ngayo esiwombeni sesibili oThembinkosi Lorch noVincent Pule bekucaca ukuthi igoli lokulinganisa lingangena noma nini.

Kwenzeka konke lokhu nje ibhola lihleli kwiSundowns isikhathi esiningi kodwa lutho ukwenza uSandilands asebenze.

Uze waqala ukusebenza uSandilands sekungene uKermit Erasmus obesiza uShalulile ngokuxaka izitobha zePirates ngejubane.

Ukungena kuka-Erasmus kuphoqe uZinnbauer ukuba aphonse uGabadinho Mhango othe engena nje kwacaca ukuthi sekukhona ingozi.

Abaningi bakholwa ukuthi uHlatshwayo bekumele akhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-75 ebamba uShalulile obese ezobhekana noSandilands.

Ibishaywa okokuqala kule sizini iPirates.