ISundowns isazingela abanye abadlali ababili, ngokusho kukaMokwena

ISundowns isazingela abanye abadlali ababili, ngokusho kukaMokwena
URulani Mokwena
UDABA: OkaDongaGumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi leli qembu alikafaki ngisho igiya lokuqala njengoba seliqalile nje ukuvulela induku kwiDStv Premiership.

ISundowns ivule isizini ngokuwawola wonke amaphuzu ishaya AmaZulu FC ngo 1-0 ngoLwesihlanu kusihlwa.

“Umphumela obalulekile lona. Bekubalulekile ukuthi siqale isizini ngewini. Futhi ke siwine kahle ngoba nomdlalo besiwuphethe.

“Cishe ibhola beliba kithi isikhathi esingu-59 kuya ku-60% kulo mdlalo,,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.

“Bazame izikhawu ezingu-39 ukusihlasela kodwa baphumelela ukusondela emapalini ethu amahlandla angu-11 kuphela.

“Indlela ebesibacindezela ngayo beyenza kube nzima kubo ukuthi bakwazi ukuqala iminyakazo yokusihlasela.

“Ukuphela kwento esingakhala ngayo kulo mdlalo wukuthi asiwashayanga amagoli ngendlela obekufanele siwashaye ngayo.

Amathuba siwakhile futhi abemaningi kodwa sangawasebenzisa. Kodwa ke siyazi ukuthi asikafaki ngisho igiya lokuqala njengamanje.

“Okungichazile wukuzinikela kwabadlali, ukuzithoba nokulwela iqembu. Balwisa okwamasosha namuhla, sawazuza amaphuzu amathathu ebesiwafuna.

Uluncomile Usuthu wathi libanike umdlalo onzima futhi belukhombisa ukuthi nalo lusazoba yingozi ngokuhamba kwesikhathi.

“AmaZulu yiqembu elihle kakhulu. Bathanda ukuwuqala emuva umnyakazo wabo wokuhlasela ngakho kumele wenyuke uyobavimba khona.

“Esimweni esinjalo, uma beke bakwazi ukudabuka lapho uma ungenalo udonga lwesibili oliqinile lokukuvikela ungazithola usenkingeni.

“Yingakho bekumele sizinisekise ukuthi uma sibacindezelela emuva sikwenza ngendlela eyiyo lokho. Sikwazile ukubavimba bengakwazi ukuthumelela uBongi (Ntuli) amabhola.”

AmaZulu abengazibekile phansi futhi ukuba ayinikiwe iphenathi kulangela ukuthi ibhola like lazishayisa esandleni kuHashim Domingo esebhokisini esiwombeni sesibili.

FUNDA NALA: Uyivumile uBenni induku AmaZulu ebhquziswa yiSundowns

Ebuzwa ngokuthi ngabe iSundowns seyiqedile yini ukusayina abadlali, uMokwena ukhethe ukuqala ngokucacisa ngoGaston Sirino.

“UGaston umdlali obaluleke kakhulu kithi. Usebuyele esimweni manje futhi uzinikele,” kulanda uMokwena. Kuke kwaqubuka amahlebezi okuthi ufuna ukushiya.

“Futhi ke ngeke sigxile emaphutheni amabili amathathu sikhohlwe yikho konke okuhle aseke wasenzela khona.

“THina sibheke kulezi zikhathi ezingu-99 elwela iqembu eqinisidekisa ukuthi liyaphumelela, esiwine la imidlalo enzima.

“Ekutheni sesiqedile yini ukusayina? Hhayi anilinde nizobona. Kukhona abadlali ababili esisazama ukubathola kodwa ngeke siveze lutho ngale kwalokho njengamanje.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.