ISundowns isikususile lokho, ishaya iChiefs yavula igebe kwiligi

ISundowns isikususile lokho, ishaya iChiefs yavula igebe kwiligi
UGrant Kekana
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns isikukhombisile ukuthi kungani ingompetha beDStv Premiership ngokushaya iKaizer Chiefs ngo 2-0 ngeSonto kusihlwa.

ISundowns beyicindezelekile ngasekuqaleni kwalo mdlalo futhi kuke kwabukeka sengathi ingagcina iwalahlile amaphuzu amathathu.

Kodwa ikwazile ukujika indlela edlala ngayo, yabuyela emdlalweni yagcina iwaqoqe ephelele amaphuzu yawina ngo 2-0 qede yavula igebe lamaphuzu amabili phezulu kwilogi.

ISundowns izisize ngokuthi isheshe ilishaye igoli kulo mdlalo obuseLoftus Versveld ePitoli. Bekungumzuzu wesishiyagalombili ngesikhathi uGrant Kekana elingqofela enethini.

Bekuyibhola obekuyi-free kick egotshwe uLyle Lakay ngakwesokudla, lahlangana noKekana wabe eselibeka enethini.

Ngemuva kwalokhu iChiefs ibingaya ekhefini seyilinganisile yaze yahamba phambili ukube ibiwasebenzisa ngendlela eyiyo amathuba ayo.

BUka nje ngomzuzu ka-28 uKeagan Dolly ugobe elihle ibhola kwesokudla, lamehlula uDenis Onyango kodwa uSamir Nurkovic walingqofela phezu kwepali.

Akhona namanye amathuba ewayekile iChiefs njengoba oDolly noKhama Billiat bebeyiphela endlebeni. ISundowns beyizama ukudlala ibhola layo kodwa ingasinikwa isikhathi sokuzenzela.

Nasesiwombeni sesibili iChiefs ibisageleza. Kusebenze u-Onyango ngomzuzu ka-57 uSifiso Hlanti esethi udlile.

UBilliat ubegobe ibhola kwesokudla, lawela kuHlanti esendaweni efanayo nale uKekana akore ekuyo kodwa u-Onyango wakwazi ukulichitha ibhola.

Kodwa kuthe ngesikhathi isicindezela kakhulu iChiefs, iSundowns yakuveza ukuthi kungani ingompetha.

Ijike indlela ebidlala ngayo, yafaka oThabiso Kutumela noNeo Maema abebezodla ngokugoba amabhola.

FUNDA NALA: UFordyce weluleka uBongumusa Mthembu ukuthi akhuphule amasokisi

Nempela akuthathanga isikhathi eside, ngomzuzu ka-63 uMaema waligoba lahlangana noPeter Shalulile eyedwa phansi kwepali wavele walinamathisela kalula enethini kwaba ngu 2-0.

Ngomzuzu ka-80 iChiefs ithole ithuba likunciphisa isisindo somebenzi wayo ngesikhathi ibekelwa iphenathi kulandleal ukuthi uRivaldo Coetzee elidlale ngesandla esebhokisini langakubo.

Kodwa uLebogang Manyama uvele washaya into ephuphile, ibhola lakhe lazishayisa epalini kwaba wukusinda kweSundowns.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.