ISundowns isiphinde yayogqabula ‘eWoolworths’ ithenga uMbule

ISundowns isiphinde yayogqabula 'eWoolworths' ithenga uMbule
USipho Mbule weSuperSport United
OkaDonga Gumbi

Ngabe sekuphelile njalo ukuqagela ngekusasa likaSipho Mbule ongomunye wabadlali abahle nabahalelwa amaqembu amaningi kuleli?

Ngokombiko obhalwe yiGagasi FM kuleli viki ezinkundleni zalo zokuxhumana, impendulo yalo mbuzo ithi yebo, kunjalo.

Lo msakazo ubhale kwiTwitter ngoMsombuluko ukuthi uMbule usezogijima kwiMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.

Imenenja yakhe uMike Makaab ubesanda kuveza ukuthi uzoqala izingxoxo namaqembu afuna lo mdlali ngeviki elizayo uma isizini seyisongwe ngokugcwele.

Kodwa iGagasi lona lithi sekuvele kuphothuliwe konke, osekulindiwe wukuthi uMbule ajoyine ozakwabo abasha uma sebebuya ekhefini belungiselela isizini elandelayo.

FUNDA NALA: UTruter uthemba ukuthi wenze kahle ukuthi anikwe umsebenzi ngokugcwele kuMaZulu FC

“Ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns kulindeleke namemezele uSipho Mbule njengomdlali wabo omusha ngemuva komdlalo wamanqamu kwiNedbank Cup.

“UMbule uzojoyina ozakwabo uma sebeya ekhempini yokulungiselela isizini enstha ngoJuni,” kubhala abelesi siteshi.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uMakaab unobudlelwano obuhle nabeGagasi njengoba engumhlaziyi wakhona.

UMbule kuyaziwa ukuthi ubehalelwa kakhulu yiKaizer Chiefs njengoba ibheke ukuqinisa kahle iqembu ukuze ibuye seyingcono ngesizini ezayo.

Ukusayina kweSundowns uMbule kuzobaphatha kabi abaningi njengoba kuvele kwande izinkulumo zokuthi yona iqoqa bonke abadlali abahle ibagcwalise kuyo ishiyele amanye amaqembu imvuthu.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi waze wenza isilinganiso ngokuthi iSundowns ithenga eWoolworths, okuyisitolo somntakabani, amanye amaqembu bese ethenga ezitolo ezijwayekile.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.