ISundowns isisondele ekuthatheni isicoco osekukade siyiphunyuka

ISundowns isisondele ekuthatheni isicoco osekukade siyiphunyuka
Abadlali beMamelodi Sundowns
UMBIKO: OkaDonga GUmbi
ISITHOMBE: Twitter

Isisondele iMamelodi Sundowns ekutheni iwine indebe osekunesikhathi iyiphutha kulandela ukugudluza kwayo iGolden Arrows endleleni yayo ngoLwesibili kusihlwa.

ISundowns iyishaye ngo 3-0 i-Arrows emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN 8.

Umdlalo womlenze wokuqala wawuphele zibambene ngo 1-1 kodwa iSundowns iwuqedelile umsebenzi isisekhaya.

Izinto zisheshe zabhimba kwi-Arrows njengoba yenze iphutha emuva kusaphele imizuzu emine umdlalo uqalile.

UThabiso Kutumela ushaye ibhola ebelibukeka lilula, laqonda ngqo kunozinti we-Arrows uSifiso Mlungwana.

Nokho lo nozinti uvele walibamba waliyeka qede lawela kuPeter Shalulile kwaphela ngetswayi njengoba ligaxele entanjeni.

Abafana Bes’thende ababanga amagwala futhi abavumanga ukuba igoli libathene amandla bazama ukubuya.

UVelemseni Ndwandwe ubethi uyaqeda ngoReyaad Pierterse obesezintini zeSundowns kodwa waphika, walichitha ibhola lakhe.

Kodwa kuthe la ne-Arrows beyisizitshela ukuthi ingase ikwazi ukuthola igoli lokulinganisa, yaphinde yaphantshisa elinye isondo iSundowns ngegoli lesibili.

Lishaywe nguDivine Lunga obedlala okokuqala kwiSundowns ngomzuzu ka-29. Akazange alijabulele ke nokho leli goli kwazise usuka kuyo i-Arrows.

UKutumela naye ubethi uyalibhalisa elakhe igama ebhukwini labashaye amagoli ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.

Nokho ube nebhadi yena ngoba ibhola lakhe lizishayise epalini selimdile uMlungwana. Ukube lingenile leli bhola belizoyivova yonke inkanyana ebisasele kwi-Arrows.

Abafana baseLamonti babuye sebengcono ngesiwombe sesibili usubona ukuthi abafuni ukudlala abafana baseMamelodi.

FUNDA NALA: USikhakhane uthi uBaxter ubuye nengqondo endala engasasebenzi manje kwiChiefs

Bese behlasela nabo bengasagadile kakhulu okwenziwa yiSundowns kodwa sebedlala ibhola labo.

Lokhu kusizile yize befice kuvalwe thaqa emuva kwiSundowns kodwa kuthe sekubalwa amanenjana umdlao uphele, uNeo Maema walithola igoli lesithathu.

ISundowns seyizolinda ukubona ngoLwesithathu ukuthi izobhekana nobani phakathi kweSwallows FC neCape Town City kowamanqamu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.