ISundowns iwuqale ngewini umkhankaso wesigaba samaqoqo kwiChampions League

Umdlali weMamelodi Sundowns, uMosa Lebusa ejabulela igoli lakhe nozakwabo oRivaldo Coetzee noMothobi Mvala

OKADONGA GUMBI

Igxume yahlala phezulu eqeoqweni layo iMamelodi Sundowns kwiCAF Champions League ngemuva kokushaya i-Al Hilal yaseSudan ngo 2-0 eLoftus Versveld Stadium ngoMgqibelo.
Kusheshe kwacaca ukuthi iSundowns iwafuna ephelele amaphuzu ngesikhathi ishaya igoli ngomzuzu ka-11, okube ngelekhanda likaMosa Lebusa.
Lesi sitobha singqofele phakathi ibhola ebeligotshwe nguLyle Lakay ngakwesokunxele. Ukusuka lapho bese kubukeka izoshaya inqwaba yamagoli iSundowns kulo mdlalo.
Buka nje ngoba ngomzuzu ka-16, uSiphelele Mkhulise kwale kancane ashaye elesibili, ibhola lakhe lavinjwa ngunozinti sekuvalwe amehlo.
NoMothobi Mvala uzokhala ngebhadi njengoba ibhola lakhe abelingqofe kade kuyikhona liceze kancane phezu kwamapali ngomzuzu ka-29.
UPeter Shalulile naye ubeselifuna la, kodwa waligeja kancane ibhola abeliphaselwe nguGaston Sirino sekusele imizuzu emibili kuyiwe ekhefini.
Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, izivakashi bezithi ziyazumisa ngomzuzu ka-49, kodwa zamfica ephile saka uDenis Onyango ezintini zaMasandawana, wawuchitha lowo mzamo.
Emzuzwini owodwa ukusuka lapho, uShalulile ubeselibalile igoli lesibili leSundowns kodwa ibhola lakhe laphuma kancane phezu kwamapali.
NoLakay ubethi uyadla ngomzuzu ka-69, eshaya enhle i-free kick kodwa wanqaba unozinti we-Al Hilal, walichitha ibhola lakhe.
Ngasekupheleni komdlalo iSundowns ibisihlasela ngamandla ilifuna la igoli lesibili kwazise amagoli abalulekile emidlalweni yamaqoqo.
Ize yagcina ilithole ngomzuzu wokugcina, lishaywa nguKermit Erasmus obengene endaweni kaThemba Zwane esiwombeni sesibili.
Ukuwina kweSundowns kuyibeke endaweni enhle kuGroup B njengoba kuyiyona esizihola phambili ngamaphuzu amathathu. Omunye umdlalo waleli qoqo, obuphakathi kweTP Mazembe yaseCongo DR neCR Belouizdad yase-Algeria uphele zibambene ngo 0-0, iqemnu ngalinye laphuma nephuzu elilodwa.
Emdlalweni wayo wesibili kuleli qoqo, iSundowns izovakasha eStade du 5 Juliet, eDely Ibrahim, e-Algeria la iyogadulisana khona neCR Belouizdad ngoFebhuwari 23.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.