ISundowns iziphuzele isobho esigabeni samaqoqo kwiChampions League

ISundowns iziphuzele isobho esigabeni samaqoqo kwiChampions League
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns izuzele isobho emaqenjini ebiqhathwe nawo emzuliswaneni wamaqoqo kwiCaf Champions League njengoba kuyiyo eqede iphezulu kuGroup A.

Iziphuzela isobhe nje bekungelona iqoqo elilula leli njengoba bekukhona amaqembu athenjiwe kulo mqhudelwano nanamava njenge-Al Ahly ne-Al Hilal yaseSudan.

Lezi zinkunzi zasePitori ziqede zinamaphuzu angu-16 futhi zingazange zishaywe nakanye. Umphumela ongazivunanga kube wukudlala ngokulingana kanye ne-Al Hilal.

Uma sekuhlanganiswe wonke amaqoqo, iSundowns yiyo nakhona ebe namaphuzu amaningi kulesi sigaba salo mqhudelwano.

Kusheshe kwacaca ukuthi iSundowns izozidlela amahlanga nje kulo mdlalo njengoba beyizenzela umathanda nje kuyiyo ephethe ibhola.

Ngumzuzu ka-13 uBradley Ralani ube nebhadi ibhola lakhe elihle lizishayisa epalini ekubeni bese limdlile unozinti we-El-Mereikh.

Nokho emizuzwini emibili ukuska lapho iSundowns beyisihamba phambili ngemuva kokuthi uGeorge Maluleka engqofele enethini ibhola obekuyikhona.

Nangemuva kwalokhu iSundowns yakhe inqwaba yamathuba kodwa yahluleka ukuwasebenzisa njengoba kuze kwayiwa ekhefini liselilodwa igoli ekubeni bekumele ngabe asemane okungenani.

FUNDA NALA: UKhalala usengumshwibi ophambili kumaProteas yize engaboni

Nasesiwombeni sesibili iSundowns beyisaqhubeka nokuhlasela yize ne-El-Mereikh beyisijikile nayo seyizama ukulwa kulo mdlalo.

Nokho igoli belingavumi ukuqhamuka njengoba lize lavela ngomzuzu ka-66 ngonyawo lukaRalani.

Emizuzwini emine ukusuka lapho uKermit Erasmus ube eseshaya elesithathu ngelihle igoli yize ebesenesikhashana nje engenile.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.