ISundowns iziqhathe nePirates kolandelayo weNedbank Cup

UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns

SIHLE NDLOVU

IMamelodi Sundowns izodlala ne-Orlando Pirates emdlalweni weNedbank Cup we-quarterfinal ngemuva kokubhudluza iPolokwane City ngo 4-0 emdlalweni weLast 16 eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.

AmaBrazilians aye kulo mdlalo azi kahle ukuthi alindwe yiBucs, futhi enze isiqiniseko sokuthi umdlalo awuqeda ngesiwombe sokuqala lapho eshaye khona into ecokeme.

ISundowns ivele yahlanya zisuka nje yayikhombisa iPolokwane ukuthi iyizingane. Ngomzuzu weshumi kuvele konakala uPeter Shalulile eshaya igoli ngemuva kokuthi uHaashim Domingo edonse intambo echithwe uTebatso Phoku yawela kuShalulile, walibeka phakathi.

Kuphele imizuzu embalwa yabuya futhi iSundowns ngomzuzu ka-13 yashaya igoli elize noLebohang Maboe, kwacaca ukuthi kuyonakala futhi idle ugwayi kwiPolokwane. Ngemuva kwalokho bekungathi iPolokwane ayikho nhlobo enkundleni. Ngomzuzu ka-15 kuphinde kwabheda kwiPolokwane uLesedi Kapinga eshaya igoli lesithathu. Kuvele kwahlaluka ukuthi iPolokwane izalelwe yinja endlini.

Akugcinanga lapho ngoba kuthe ngomzuzu ka-28 iSundowns yathola iphenathi ebekwe phakathi umhlekazi, u-Andile Jali, baqala omama bacula amagugu okungcwaba iPolokwane. Ziye ekhefini kungu 4-0 kodwa bekungaba u 6-0 uma kubhekwa amathuba atholwe yiSundowns ngaphambi kokuthi unompempe ashaye indweba yakhe yokuqeda isiwombe sokuqala.

Ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye isalifuna igoli kodwa izinto zangahamba ngendlela ezihambe ngayo ngesiwombe sokuqala. Okucacile ukuthi yenze ushintsho inika abadlali abakade bagcina ukudlala ithuba lokudlala. Kubonakale uBangaly Soumahoro okade wagcina ukubonakala enkundleni.

Ukuwina kweSundowns kusho ukuthi abalandeli bazobhema bakholwe uma isibhekene neBucs emdlalweni olandelayo weNedbank Cup. Kuyinto engeke isaphikwa ukuthi elinye lala maqembu ngeke liye kowandulela owamanqamu.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.