ISundowns izobhodlela kwiCity ngemuva kokuxhopheka kwiCaf: Maema

ISundowns izobhodlela kwiCity ngemuva kokuxhopheka kwiCaf: Maema
UNeo Maema
Alfred Ngubane 

UNeo Maema uthi bazinike isikhathi esingamahora angu-24 ukuthi badlulise ukuphoxeka abakuthole iMamelodi Sundowns iwashiswa ijezi kwiCaf Champions League.

ISundowns isheshe yabuya nenduku yombangandlala kulo mqhudelwano ebibhekiwe ekutheni idle umhlanganiso kuwo.

Isunduzwe yiPetro de Luanda eyishaye ngo 3-2 sekuhlanganiswe imiphumela. Kodwa lokho sekungumlando ngoba manje seyizovithiza kwiDStv Premiership.

“Ngemuva kokuphuma kwiChampions League saba namahora angu-24 okuthi sidlulise ukuphoxeka nokucasuka esakuzwa.

“Sakuthola ukwesekwa ngalesi simo ikakhulukazi kubalandeli bethu. Sekusemahlombe ethu ke manje ukuthi sigxile kwiligi,” kusho uMaema.

“Bekungelula ukudlulisa ukukhishwa kwethu kulo mqhudelwano ebesifuna ngampela ukuwunqoba, kodwa ke ibhola linjalo.”

ISundowns ibuyela enkundleni ngoLwesithathu la izobhekana khona neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versveld ngo 7.30 kusihlwa.

Uma iwina noma icosha iphuzu kulo mdlalo kuyobe seyiqedile ngesicoco seligi kule sizini yize izobe isasalelwe imidlalo emine.

FUNDA NALA: UZuma ubona kuza kahle kwiChiefs esiphekwa uZwane

ICity ayilona iqembu elilula nokho, futhi nayo izibhekile ekutheni okungenani iqede endaweni yesibili okokuqala emlandweni wayo.

Njengamanje isendweni yesithathu kodwa isele ngamaphuzu angu-17 kuMasandawana azihubuluzela isobho kwiligi yakuleli.

“Kuhlezi kunzima ukubhekana neCity. Uma ubheka imidlalo yabo emihlanu edlule bawine emine badlala ngokulingana owodwa.

“Lokho kusho ukuthi bayazethemba futhi bazosihubha kodwa nathi sisebalungele kahle. Sesike sayibuka eminye yemidlalo yabo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.