ISundowns izolwela wonke amaphuzu kule midlalo esele, ayinandaba nabayijahayo

UThemba Zwane

SIHLE NDLOVU

Akafuni ukusheshe ajabule umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi iqembu lakhe elibukeka lizoyiphakamisa maduze indebe yeDStv Premiership.

ISundowns izisondeze nesicoco seligi ngemuva kokushaya iTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto. Ukuwina kweDowns kuchaza ukuthi sekumele iwine imidlalo emibili kuphela kwemine eyisalele ukuze iqukule isicoco seligi okwesine kulandelana.

Nokho uMngqithi uthi bayakwazi abazibekele khona ngakho abafuni ukuthi bathi isicoco sesibanukela emakhaleni.

“Asigxilile lapho, asikho ekunukeni isicoco noma ukusithola. Sigxile kulokhu esikwenzayo. Besidlala umdlalo wethu wokuqala weqoqo lokugcina lemidlalo yethu, futhi siyajabula ukuthi sithole amaphuzu aphelele. Sisalelwe imidlalo emine ngakho sibheke ukuthola okungenani amaphuzu ayisishiyagalolunye.

“Kodwa kungaba mnandi kakhulu ukuthola amaphuzu angu-15 kuleli qoqo lemidlalo esele. Sigxile kulokho kakhulu kunokunaka ilogi ukuthi imi kanjani. Kithi konke kuzocaciswa ukuthi senze kanjani kule midlalo yokugcina, bese sibone ukuthi ekugcineni sizoqeda sikuphi,” kuchaza uMngqithi.

UThemba Zwane uthintekile ngesikhathi iSundowns ibhekene neMaritzburg United ngesonto elidlule. UMngqithi uthe akukubi kakhulu futhi uthemba ukuthi uzodlala emdlalweni olandelayo. ISundowns inomdlalo onzima weCAF Champions League la izobhekana khona ne-Al Ahly ekuhambeni ngoMgqibelo.

“Sinethemba, ngokusho kodokotela kubukeka sengathi uzokwazi ukudlala umdlalo wethu olandelayo e-Egypt. Sithemba ukuthi konke kuzohamba ngendlela esihlele ngayo. Bekungeyona into etheni kodwa bekumele siqaphele, siqinisekise ukuthi isimo asisisenzi sibe sibi kakhulu,” kuchaza uMngqithi.

Uthe ujabule kakhulu ngokuthi bawine umdlalo bebhekene neGalaxy ngoba bebekudinga kakhulu lokhu ukuze badlale iChampions League bekhululekile.

“Bekubalulekile kakhulu kithina ukulwa ukuze siwine imidlalo esisalele ngayo emuva. Besibona ukuthi ingcindezi ilokhu inyuka kanti sinemidlalo ebalulekile ezayo kwiChampions League. Kubalulekile ukuthi sithi sizihlupha ngemidlalo yeChampions League kodwa sibe sesisondele kumaphuzu esizibekele wona emidlalweni yeligi,” kuphetha uMngqithi.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.