ISundowns izonqoba ekhaya, idlulele phambili, kusho uRulani

ISundowns izonqoba ekhaya, idlulele phambili, kusho uMokwena
URulani Mokwena
OkaDonga Gumbi

URulani Mokwena ugcwele ukuzethemba ngokuthi iMamelodi Sundowns izoyishaya iPetro de Luanda bese idlulela emzuliswaneni olandelayo kwiCaf Champions League.

ISundowns ikhale ngaphansi ngoMgqibelo emdlalweni womlenze wokuqala obuseNovember 11 Stadium eLuanda la ishaywe khona ngo 2-1. 

“Wothi ngiqale ngokubongela izimbangi zethu. Badlale kahle kakhulu ngesiwombe sokuqala,” kusho uRulani ngemuva komdlalo.

“IPetro isifakele ingcindezi ikakhulukazi ngemuva kokuthi siwuqale kahle umdlalo ngokushaya igoli nelakheke ngendlela ebesiyihlelile.  

“Kodwa ngemuva kokuthi siwuqale kahle umdlalo, babuyile baqala bakhombisa ukuthi basekhaya. Ukusheshe balithole igoli lokulinganisa kuvuselele abalandeli babo. 

“Umdlandla wabalandeli ubafakene ugqozi. Yize sisokolile emizuzwini engu-30 kusuka beshaye igoli, bekungabonakali singangenelwa elinye.

“Yingakho kusiphoxile ukuthi singenelwe yigoli sekusele kancane kuyiwe ekhefini. Kodwa, njengoba besibatshelile nabadlali ngesikhathi sekhefu, bese siyenzile ingxenye yomsebenzi okuwukushaya igoli lasekuhambeni.

“Obese kubalulekile wukuthi sizame ukubalawula ngesiwombe sesibili, futhi ngicabanga ukuthi sidlale kangcono.”

FUNDA NALA: Abasubathi baseKZN badedele owase-Ethiopia ekugcine kwiTwo Oceans Marathon

Ngasekupheleni komdlalo, iSundowns iphikelwe igoli ebelizoba elokulinganisa futhi liyibeke endaweni engcwele.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iVAR ithe ibhola alibekwe phansi kube ngelePetro ngoba umdlali wayo ubedlaliswe kabi ngaphambi kokuthi iSundowns igijime iyokora.

“Sibe nebhadi ngegoli lokulinganisa ngenxa yeVAR. KOdwa asinankinga nokubuyela ekhaya nalo mphumela.

“Siyalijabulela igoli lasekuhambeni futhi ngiyacabanga sizokora ekhaya. Nayo iPetro ngiyacabanga iyazi likhona igoli elizoyidla ePitori. 

“Angifuniukukhuluma ngonompempe namuhla ngoba bekukhona iVAR futhi kukhona la bengabonanga kahle khona, iVAR beyibasza.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.