ISundowns izophenya ngokuvinjwa kwebhasi le-Al Ahly abalandeli bayo

ISundowns izophenya ngokuvinjwa kwebhasi le-Al Ahly abalandeli bayo
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns yesiveze ukuthi seyilubike emaphoyiseni kanti nayo izokwenza olwayo uphenyo ngokuvinjwa kwebhasi le-Al Ahly ngoMgqibelo ntambama.

Iqeqebana labalandeli beSundowns bame emgwaqeni la bekuzodlula khona ibhasi le-Al Ahly balivimba ukuba lingadluli.

Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane ugcine ephumile ebhasini eyosiza amaphoyisa abeqhelisa izinsimbi ebezivimbe indlela ukuze bajike beyohamba ngenye indlela.

Bese kungokwesibili abalandeli beSundowns bephazamisa ibhasi le-Al Ahly njengoba benzile nangesizini edlule la baze bathuka kona noPitso.

“IMamelodi Sundowns ikhathazekile ngento okuthiwa lenzeke kwi-Al Ahly ephethe ngokuthi ibambezeleke ukufika eFNB Stadium,” kusho iSundowns esitatimendeni esishicilele kwi-website yayo.

“ISundowns seyiluqalle uphenyo yaphinde yathinta namaphoyisa ukuba nawo alubheke lolu daba oselushicilelwe nakwi-website ye-Al Ahly la abalandeli abathile bephazamise ibhasi layo.

FUNDA NALA: UPitso uthi iSundowns ayikhohlwe nguye manje inake abaqeqeshi bayo abathathu

“IMamelodi Sundowns izobathathela izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe futhi ibavimbele ekutheni beze emidlalweni yayo abazotholakala ukuthi lokhu okushiwo yi-Al Ahly kuyiqiniso.

“ISundowns inomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi i-Al Ahly nanoma yiliphi ke elinye iqembi elizodlala nayo liyahlonishwa futhi liphathwa kahle.

“IMamelodi Sundowns izoxhumana ne-Al Ahly ukuzwa icala layo kulolu daba. ISUndowns izimisele ukuqhubeka nobudlelwano obuhle obuphakathi kwayo ne-Al Ahly.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.