ISundowns Ladies icishe yabhajwa kwiBuffaloes yaseZambia

ISundowns Ladies icishe yabhajwa kwiBuffaloes yaseZambia
U-Andisiwe Mgcoyi noMelinda Kgadiete
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns Ladies izobhekana neBlack Rhino’s Queens yaseZimbabwe emdlalweni wamanqamu kwiCAF Women’s Champions League ngoMgqibelo.

ISundowns iyona emele iNingizimu Afrika kule midlalo yokuhlungeal iChampions League. Idlule kanzima kwiGreen Buffaloes yaseZambia emdlalweni owandulela owamanqamu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngoLwesithathu.

Iwine lo mdlalo ngo 1-0, kanti bekungokokuqala ikuzabalazela ukuwina kulo mqhudelwano. Igoli ewine ngalo iSundowns lishaywe uMelinda Kgadiete ngomzuzu ka-44.

Bekungokokuqala ukuthi iSundowns ihluleke ukushaya igoli emizuzwini engu-20 yokuqala selokhu kuqale lo mqhudelwano.

Igoli elishaye ngoLwesine bekungelika-19 kulo mqhudelwano. Ihlohle amagoli ayisithupha emdlalweni ngamunye kwemithathu eyidlalile yamaphuzu.

FUNDA NALA: Abadlali beRoyal AM bagoloze ukujima bekhala ngokungaholi

Leli qembu laseChloorkop lisethubeni elihle lokuwina kowamanqamu bese liyodlala eCairo, e-Egypt lapho kuzo phuma khona ingqwele yase-Afrika.

IQueens, le ezobhekana neSundowns, idlulele kowamanqamu ngokushaya iDouble Action ngo 2-0 ngawo uLwesine.

Amagoli eQueens ashaywe uMavis Chirandu ngomzuzu wesine, kwathi elinye leza noMajory Mnaumwe ngoka 14.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.