ISundowns Ladies isibheke ukuyodla isicoco seChampions League

ISundowns Ladies isibheke ukuyodla isicoco seChampions League
Abadlali beMamelodi Sundowns Ladies
UMBIKO: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns Ladies isizibeke ethubeni elihle lokwenza okwenziwa yiqembu labesilisa ngo-2016 – ukudla isicoco seChampions League.

ISundowns Ladies izibekisele indawo emqhudelwaneni omkhulu weCAF ebholeni lamaqembu abesifazane ngemuva kokuguqisa iBlack Queens Rhinos yaseZimbabwe ngo 3-0 eKing Zwelithini Stadium eMlaza ngoMgqibelo.

Lo mqhudelwano uzobanjelwa e-Egypt ngasekupheleni konyaka. ISundowns Ladies cishe izobe ingelinye lamaqembu abhekiwe ukudla isicoco seChampions League ngoba seyikhombise ukuba yinsimbi engagobeki.

Amagoli eSundowns ashaywe uLerato Kgasago ngomzuzu ka-13 walandelwa uNonhlanla Mthandi ngomzuzu ka-78.

UMthandi ukore ngemuva kwephutha likanozinti weRhinos ehlulwa ukuxosha ibhola ebeliqhamuka kumdlali wangakubo.

FUNDA NALA: UDesree weBanyana ujabule kakhulu ngokuyodlala eNigeria 

Elesithathu livalelwe uBoitumelo Rabale sekwengezwe isikhathi ebhodini ngemuva kwephasi enhle eqhamuke noBongiwe Thusi esandleni sokudla.

Izintokazi zasePitoli ziwuphathe uqala waze wayophela umdlalo njengoba abadlali abafana no-Andisiwe ‘Poison’ Mgcoyi bebezenzela enkundleni.

UMgcoyi uyena oqokwe njengoMdlali oVelele kulo mdlalo. Le liqembu eliqeqeshwa u-Agnes Nkosi selibalwa namanye amaqembu ayisishagalombilo azogadulisana e-Egypt ngasekupheleni konyaka.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.