ISundowns Ladies iwadlisa ngamapayipi amaqembu kwiSuper League

ISundowns Ladies iwaphilisa lubhojozi amaqembu kwiSuper League
U-Andisiwe Mgcoyi
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Ubungaphika ukuthi ike yahlala amasonto amathathu wonke ingadlali iMamelodi Sundowns Ladies njengoba iqhubeke nokuvulela isibhaxu kwiHollywoodbets Super League.

Imidlalo yeSundowns Ladies kule ligi yaqala yamiswa ngoba iningi labadlali bayo babeseqenjini lesizwe iBanyana Banyana. Kuthe uma sekufanele babuye, yamiswa le ligi ngenxa yokudlanga kwegciwane leCovid-19 elibizwa ngeDelta.

Imidlalo ize yabuyela enkundleni kule mpelasonto kwazise nezibalo zabatheleleka ngalesi sifo sesehlile kancane. Kuqale imidlalo neyayikade ihlehlisiwe kule mpelasonto kanti izobuyela yonke enkundleni ngempelasonto ezayo.

ISundowns Ladies engayibheki inethi kule sizini, icishe yayidabula ihlohla inqwaba yamagoli emdlalweno obuseNtabazwe Sports Complex, ngoMgqibelo ntambama.

Leli qembu lasePitoli liqumbe liyibhakuzise kwaze kwaba amahlandla ayisishiyagalombili inethi izimbangi zayo, iTsunami Queens ingaziphenduleli.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iSundowns Ladies iyaqhubeka nokuqhwakela kule ligi ngamaphuzu angu-25 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.

IQueens yona ihlezi lubhojozi njengoba isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu ayisikhombisa. U-Andisiwe Mgcoyi ungcwabe iQueens iphila ngamagoli amane awashaye ngesiwombe sokuqala.

Ube eselekelelwa ngoMofiri Chuene, Melinda Kgadietla noThembelihle Masibe oshaye amagoli amabili. IMa-Indies yona idlale ngokulingana ne-University of the Western Cape kuba ngu 1-1 eGiyani Stadium, eLimpopo.

UMolatelo Kobo ubeke i-UCT phambili kodwa uVhutiti Sithole wanqaba waphetha ukuba izivakashi zihambe namaphuzu agcwele eshaya elokulinganisa.

Womabili la magoli angene ngesiwombe sokuqala. Lo mphumela ubeke i-UWC endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo eyishumi.

FUNDA NALA: UBilliat ubonge uKatsande ngokumgada ngesikhathi efika kwiChiefs

IMa-Indies yona isahlezi endaweni yesishagalombili ngamaphuzu angu-13. I-JVW nayo idlale ngokulingana neCoal City Wizards 1-1 eTsakane Stadium.

UNompumelelo Nyandeni ushaye igoli leqembu lasekhaya, kwathi uNelisiwe Mchunu weza nelokulinganisa, kwacazwa amaphuzu.

I-JVW ayikanqobi mdlalo emidlalweni emine, iWizards yona ayikabuyi nomphumela emidlalweni eyisithupha nokuba seyidlale ngokulingana kwemibili yokugcina.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.