ISundowns Ladies izokhipha isibhongo kwelaseGhana

ISundowns Ladies izokhipha isibhongo kwelaseGhana
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Kuzophinde kutholane phezulu iGhana neNingizimu Afrika uma sekubhekene iSundowns Ladies neHaasacas Ladies emdlalweni obalulekile ozokhipha ompetha base-Afrika.

Nokho kulokhu kuzobe kuwumdlalo wamanqamu weCAF Women’s Champions League.

Umdlalo wamanqamu ungoLwesihlanu ngo-5 ntambama eCairo, e-Egypt.

IHasaacas ifinyelele kowamanqamu ngemuva kokushaya i-Asfar yaseMorocco ngo 2-1 kowandulela owamanqamu ngoMsombuluko.

IBanyana Ba Style yona izabalaze kwaze kwalunga ishaya iMalabo Kings ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngawo uMsombuluko.

Umdlalo ubuphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120. Kufika lo mdlalo nje kusenokukhuluma okukhulu mayelana nokuwina kweGhana ngo 1-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 ngeSonto.

Into ekhulumisa kakhulu yiphenathi enikwe iGhana kulo mdlalo engacacanga kahle.

ISouth African Football Association seyiqinisekisile ukuthi izofaka isimangalo mayelana nokwenzeke kulo mdlalo.

Umqeqeshi weSundowns uJerry Tshabalala uthe udidekile ngendlela abadlale ngayo bebhekene neMalabo ngoMsombuluko.

ISundowns Ladies idlale kahle kakhulu kodwa yahluleka yancama ukuthola amagoli.

“Angazi noma ngijabule okanye nginokwesaba kodwa ngeneme ngokuthi sikowamanqamu.

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo namuhla bese uqhathanise nemidlalo edlule, kweyamaqoqo asizange sidlale ibhola elinje,” kusho uTshabalala.

“Besingahlelekile (kweyamaqoqo) kodwa imiphumela siyitholile. Kodwa namuhla sidlale ibhola elihle sangawuthola umphumela.

“Sakhe inqwaba yamathuba namuhla kodwa sangawasebenzisa okungenza ukuthi ngidideke.

“Nokho ngiyawajabulela amantombazane ami ngendlela alwa ngayo. Siyiqembu elikhulu futhi sidlale ibhola elihle namuhla.

“Ngithemba ukuthi uma sesidlala kowamanqamu sizowaqedela amathuba esiwakhayo.”

FUNDA NALA: Usethi khumu kwiZimbabwe uBilliat

Iqembu elizodla umhlanganiso ngoLwesihlanu lizoba ngelokuqala ngqa ukuphakamisa indebe yeChampions League yabesifazane ezwenikazi.

ISundowns Ladies isethubeni elihle kakhulu lokulandela ezinyathelweni zeqembu labesilisa eliwine iChampions League ngo-2016.

Womabili la maqembu aqede phezulu emaqoqweni awo. ISundowns izoya kowamanqamu ingakaze ingenelwe yigoli emidlalweni emine yeChampions League.

Nokho okuphawulekayo ukuthi isashaye amagoli amabili kuphela kulo mqhudelwano yize ingakaze ihlulwe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.