ISundowns neChiefs badlulele kweyamaqoqo kwiChampions League

Sihle Ndlovu

Mamelodi Sundowns (1) 3

Jwaneng Galaxy (0) 1

Kuwine iDowns ngo 5-1 sekuhlanganiswe imilenze emibili

IMamelodi Sundowns iqhubekile nokuphephezelisa ifulegi laseNingizimu Afrika ngemuva kokubhuquzisa iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngoLwesibili, eLoftus Versfeld Stadium.

AmaBrazilians awine umdlalo wayizolo ngo 3-1 ukuqinisekisa ukuthi adlulela esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League. Isiwombe sokuqala besinduvanduva kodwa yiSundowns ebithi uma ihlasela kuvalwe amehlo. Ligcine lingenile igoli ngomzuzu ka-39 lishaywa uKermit Erasmus othole ibhola ebelivela kuPeter Shalulile.

Amanye amagoli amabili eSandawana angene ngesiwombe sesibili evalelwa phakathi uMothobi Mvaka noThapelo Morena. Elokubika ekhaya leGalaxy lishaywe uTebogo Sembowa sekuzophela umdlalo.

ISundowns beyize kulo mdlalo ihamba phambili ngo 2-0 nobekuchaza ukuthi ibidinga ukungangenelwa yigoli kuphela ukuze idlulele esigabeni esilandelayo.

Komunye umdlalo weChampions League odlale izolo, iKaizer Chiefs ifinyelele esigabeni samaqoqo ngemuva kokushaya iPrimeiro de Agosto, yase-Angola ngo 1-0 ekuhambeni. Igoli laMakhosi lishaywe umdlali waseColombia uLeonardo Castro. Emdlalweni wokuqala iChiefs yahluleka yancama ukuthola igoli ekhaya, umdlalo wagcina uphele ngo 0-0.

Ukuwina kweSundowns neChiefs kuyizindaba ezinhle kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika. Akuvamisile ukuthi kube namaqembu amabili akuleli esigabeni samaqoqo.

IChiefs kufanele ukuthi kuzoyivuselela lokhu kuwina njengoba iqale ngebatha emidlalweni yeDStv Premiership. Njengamanje isendaweni ka-13 kwi-log yePremiership.

Amakhosi azobhekana neMaritzburg United emdlalweni weligi ngempelasonto.

Emdlalweni weDStv Premiership odlale izolo iSwallows FC ishaye iCape Town City ngo 3-2. IZinyoni azikashaywa selokhu kuqale isizini.