ISundowns seyilinde isinqumo sePSL ngokufaka inkanyezi ejezini

ISundowns seyilinde isinqumo sePSL ngokufaka inkanyezi ejezini
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns ithi seyixhumanile nePremier Soccer League (PSL) ngokuthi ifake inkanyezi ewuphawu lokuwina kwayo iligi amahlandla ayishumi ejezini. Nokho isalinde impendulo ngalokhu kanti kubukeka ingase iphoqeleke ukuphinde iqhubeke ngaphandle kwayo.

Esitatimendeni esikhiphe ngoLwesihlanu ntambama, iSundowns imise ukukhipha ijezi layo lesizini entsha ngoba ilinde impendulo ngokufaka le nkanyezi.

“Njengoba sekubhekwe ngabomvu ukukhishwa kwejezi nesizini entsha seyisemome, iMamelodi Sundowns nePUMA sebephinde bahlangana ukukhipha ijezi elihle, elijabubulisayo…

“SiyiMamelodi Sundowns sinobudlelwano obuhle nePUMA kusukela ngonyaka wokuqala sihlangana ngo-2016. Kukuwo lowo nyaka la iSundowns yawina isicoco esikhulukazi e-Afrika iCAF Champions League,” kusho iSundowns kulesi sitatimende.

“Kusukela lapho siziqhayisa ngenkanyezi ebhekini lethu. Kusukela sawina isicoco sethu seshumi seligi yePSL ngoSepthemba 2020, kwabikwa ngokuthi sizofaka inkanyezi ejezini lethu. Nabalandeli bethu bebekubheke ngabomvu lokhu.

FUNDA NALA: UMarawa neSABC sebephinde bahlukana

“Lokhu kungenxa yokuthi yiyona ndlela okwenziwa ngayo lena kumaligi ehlukene e-Afrika nasemhlabeni jikelele. Ngenxa yokuthi lokhu kuhlabana kwethu kwakungakaze kwenzeke phambilini, imithetho yePSL akukho ekushoyo ngakho.

“ISundowns yakwethula lokhu kwiPSL ekupheleni kwesizini ka-2019/20, futhi sisalinde imvume yokunameka le nkanyezi ebhejini yethu,” kusho iSundowns.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.