OkaDonga Gumbi
Kuyacaca ukuthi ukuba uyazenzela uRulani Mokwena iMamelodi Sundowns beyingezusheshe ibuye e-Egypt la athi sebezitholele khona enye iChloorkop.
UMokwena uthi ngesikhathi bethungatha indawo abazozicijela kuyo njengoba beya emdlalweni onzima ne-Al Ahly ngoMgqibelo, babe sebevele bezithela endaweni abebethi bayishiye ekhaya.
IChloorkop entsha le isedolobheni elingelesibili ngobukhulu e-Egypt i-Alexandria kanti uMokwena uthi sebezoyenza ikhaya labo lesibili.
IMasandawana iye e-Egypt ngeviki elidlule iyobhekana ne-El Merreikh yaseSudan emdlalweni weCaf Champions League ngempeasonto edlule kodwa yabe seyikhetha ukusale seyihlala khona ilinde lo mdlalo olandelayo.
“Ngemuva komdlalo we-El Merreikh siqoqe izikhwama sabamba indlela ebheke entshonalanga sibheke e-Alexandria,” kusho uMokwena.
“Sithole ikhaya… Sithole indawo enazo zonke izinsiza esesicabanga ukuthi sizoyisebenzisa hhayi kuphela uma sinemidlalo yeChampions League lana kodwa noma silingiselela isizini.
“Le ndawo yokuzicija seyike yasetshenziswa amaqembu aphambili emhlabeni njenge-Athletico Madrid (yaseSPain) phambilini.
“Iyindawo esivumelayo ukuthi senze izinto ngendlela ebesizozenza ngayo uma sizekhaya eChloorkop – inazo zonke izinsiza ezibalulekile nesizidingayo.
“Lezi zinsiza zisisiza ukuqinisekisa ukuthi njengoba sizikhandla nje enkundleni, siyakwazi ukupholisa imizimba yabadlali ibuyele esimweni.
FUNDA NALA: UZondo ube yiqhawe ekhipha iDolphins enkingeni yemuka namanzi
“Ipholile, ithulile futhi yenza kube lula ukuthi silungiselele umdlalo wethu olandelayo esaziyo ukuthi uzoba ngonzima kakhulu.
“Kodwa nginesiqiniseko ukuthi nasekhempini ye-Al Ahly basho njengathi nje nabo ngobunzima balo mdlalo,” kuchaza uMokwena.
Ukuba se-Egypt kwenze kwaba lula kwiSundowns ukuthi ibuke i-Al Ahly ngesikhathi ibhubhisa iMisr Lel Makkasa ngo 4-0 emdlalweni weligi ngoLwesibili, icoshe nolwazi ngalezi zimbangi zayo.
“Sibabukile bedlala izolo (ngoLwesibili) ebusuku. Esikuqaphelile wukuthi eqenjini eliqale umdlalo kunabadlali engingakholwa bazowuqala lo olandelayo.
“Uma ubheka ubonda lwasemuva bonke, ngaphandle kukaYasser (Ibrahim) ngeke babuye ngoMgqibelo. Basangengeza ngoTawfik (Akram) engizwa kuthiwa ulimele kodwa ke ebholeni ungabona noma yini.”