ISundowns seyiwuphethile umsebenzi kwesamaqoqo kwiChamps League

ISundowns seyiwuphethile umsebenzi kwesamaqoqo kwiChamps League
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns isikuqinisekisile ukuthi iyadlula esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi ishayela i-Al Hilal yaseSudan ngakubo emdlalweni obuse-Omduurman ngoMgqibelo ntambama.

Ukuwina kweSundowns ngo 4-2 kuyibeke endaweni la lingasekho iqembu kulawo enawo kuGroup A engalifica.

Seyinamaphuzu angu-13 kanti ilndelwa yi-Al Ahly esidinga iphuzu elilodwa uma seyibhekene ne-Al Hilal emdlalweni wokugcina ukudlulela phambili.

Bekusaphele imizuzu emibili nje kuphela umdlalo uqalile ngesikhathi uPeter Shalulile ebeka iSundowns phambili.

Kodwa izinto zibuye zabhimba njengoba kuthe ngomzuzu weshumi unompempe wakhipha uBrian Onyango ngekhadi elibomvu.

Lo mdlali ubedlalise  kabi umgadli weqembu lasekhaya kade esebadabulile eseyobhekana nonozinti.

Lokhu kuphoqe ukuthi abaqeqeshi benze uguquko njengoba bedonse uThemba Zwane, bafaka uGrant Kekana endaweni yakhe ukuyoshoka emuva.

UShalulile bekumele ashaye igoli lesibili ngomzuzu ka-12 kodwa wavele washaya into eshayisa ngamahloni esebhekene nonozinti.

Igoli lesibili ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-30 ngesikhathi uTebogo Mokoena eshaya elihel igoli okube yishodi alidedele ekude.

FUNDA NALA: UTembo ulengelwa yizembe kwiSuperSport

Ibuye seyingcono i-Al Hilal esiwombeni sesibili kodwa yehluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lweSundowns yize beyingena iphindelela ebhokisini layo.

Nokho imizamo yayo igcine isebenzile ngomzuzu ka-56 ngesikhathi uMohamed Yasir elivalela enethini ibhola.

Kodwa kuthe isajabulila lelo goli, isibona nethuba lokubuya kulo mdlalo okungenani ithole iphuzu, yayithena amandla iSundowns ishaya igoli lesithathu ngonyawo lukaThapelo Morena.

UMorena uphinde elinye igoli sekusele umzuzu owodwa umdlalo uphele, enza kube ngu 4-1.

Kuthe sekusesikhathini esengeziwe, uRiyaad Pieterse wenza isimanga ehlulwa ukususa ibhola eduze kwakhe.

Ligcine lificwa umgadli, wabe esemdlalisa kabi, unompempe walikhomba emlotheni. Kuphakame uMohamed Yousif wayithatha.

Uyivimbile uPieterse kodwa ibhola labuyela kumdlali we-Al Hilal obe eselibeka enethini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.