ISundowns yehliseleke umthwalo ngokuqeda esamaqoqo isekhaya

ISundowns yehliseleke umthwalo ngokuqeda esamaqoqo isekhaya
UManqoba Mngqithi
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns ijatshuliswe wukuthi isekhaya kulokhu njengoba iphetha imidlalo yomzuliswano wamaqoqo kwiCaf Champions League ngoMgqibelo.

Amasandawana azogadulisana ne-El-Mereikh yaseSudan eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo 3 ntambama.

Umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi uthi kungcono ngoba basekhaya kulokhu okusho ukuthi ukukhathala kuzogwemeka.

Phela abanye babadlali beSundowns bebesemaqenjini esizwe njengoba bekunekhefu lemidlalo yeFifa nje.

“Ngenhlanhla asizuhamba kulokhu. Awucabange nje ukube bekufanele siye eSudan sibe sibuya ekhefini lemidlalo yamazwe ngamazwe?

FUNDA NALA: UNjabulo Ngcobo akayixwayi indawo adlaliswa kuyo kwiChiefs

“Ikakhulukazi eqenjini elifana nelethu elilahlekelwa yinqwaba yabadlali ngalesi sikhathi kodwa kulokhu bekungcono kakhulu ngoba uDenis Onyango akasadlali eqenjini lesizwe.

“UKennedy Mweene naye ubekhona, uPeter Shalulile noBrian Onyango nabo abazange baye ndawo,” kusho uMngqithi.

“Kodwa besinabadlali abaningi abahambe neBafana Bafana. Noma ke kunjalo, kuyinto enhle ukuthi abadlali bethu beyozikala amandla kuleliya zinga (lamazwe ngamazwe).

“Lokho kubasiza ukuthi bazibone izinga asebekhule ngalo ngokwamakhono abo ngokuhamba kweminyaka.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *