ISundowns yenze isihluku kwiTS Galaxy iyikhohlisa qede yayishaya

ISundowns yenze isihluku kwiTS Galaxy iyikhohlisa qede yayishaya
ULyle Lakay noSiphiwe Mahlangu
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns izenze ikati elifike libambe igundwane bese lilokhu lilidedela ukuthi lizame ukubaleka kodwa libe lazi kahle ukuthi ekugcineni lizolibulala.

Lokhu ikwenze ngesikhathi ibhekene neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versveld ngeSonto kusihlwa.

Yize iSundowns bekuyiyo ephethe umdlalo kusukela uqala, kodwa kuke kwabukeka sengathi ingagcina ibhayizisekile ingawatholi amaphuzu agcwele.

IGalaxy ikwazile ukuyibamba ngesiwombe sokuqala ingakwazi ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

Nasekuqaleni kwesiwombe sesibili bekubukeka iRockets ingaphunyuka emgibeni ohlezi ucushwe yileli qembu lasePitoli.

Kodwa kuthe lapho seyizitshela ukuthi ingakwazi ukuzuma iphume noma nephuzu kulo mdlalo, kwasuka lokho.

Kuthathe imizuzu emibili ukuthi iSundowns izephule, iziqobe qede izigxabhise izinhliziyo zabeGalaxy.

Bekungumzuzu ka-57 ngesikhathi uMosa Lebusa eshaya igoli lokuqala kulo mdlalo. Kube yi-free kick eshaywe uLyle Lakay.

FUNDA NALA: ISuperSport iyijikele seyithembile iSwallows iyibhaxabula kanzima

Ulivimbile unozinti weGalaxy kodwa walichithela phambi kukaLebusa ongazange esananaza walinamathisela enethini.

Lithe lisuswa lapho lahlangana no-Andile Jali ovele walithumela phambili la lifice khona uPeter Shalulile.

Lo mgadli ube esegabisela izitobha zeGalaxy ngezithende qede wayobhekana nonozinti. walikha laphuma eceleni kwakhe layohlala enethini.

UThabiso Kutumela nguye obe eseshayela isipikili sokugcina elikhipha epotsho kunozinti ngemuva kokukhishwa iphasi kaHasheem Domingo.

Kube wukuphela kwamathemba ke kwiRockets ukuthi angayidumuza (dubula) iSundowns ebhekwe ekutheni iphinde ihambe naso isicooc seligi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.