ISunflower iyaqhubeka nokuba yifemu ekhiqizela iBanyana abadlali

ISunflower iyaqhubeka nokuba yifemu ekhiqizela iBanyana abadlali
U-Ongeziwe Ndlangisa
UDABA: Afred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

ISunflower FC isalokhu iqhubeke njalo ukukhipha abadlali abagcina bemela izwe kwiBanya Banyana.

Abadlali abathathu baleli qembu o-Ongezile Ndlangisa, Ntombifikile Ndlovu no-Amanda Hadebe baqokelwe eqenjini leBanyana eliyodlala kwi-Aisha Buhari Cup eNigeria.

Laba badlali bahamba ezinyathelweni zo-Amanda “Toki” Dlamini, Veronica Phewa noSlingile “Mshana” Ngubane ukukha nje phezulu kubadlali abakhiqizwe iSunflower.

Ekhuluma neMpempe kuleli viki, u-Ongeziwe uthe ubengalindele lutho ngaye kwiBanyana kodwa wabonga ithimba labaqeqeshi bakhe abahlale bebagqugquzela.

Uthi ulindele inselelo enkulu yokulwela indawo eqenjini lesizwe ngoba uzobanga isikimu nabadlali abanesipiliyoni kodwa uzofunda kubo ukuthi izinto zenziwa kanjani ezingeni lamazwe ngamazwe.

“Ngizoyilelwa indawo yami eqenjini ngoba ngiyafuna ukudlala ngiveze ikhono lami kuleli zinga. Kodwa uma ngingadlalanga ngiyazi kuningi engizokuzuza.

“Ngizoncela lonke ulwazi engingaluthola kubadlali nabaqeqeshi asebenamava amaningi kuleli zinga,” kusho u-Ongeziwe.

FUNDA NALA: UMokwena akakuphikanga ukuxabana ukubhuqwa kwakhe uMngqithi kwiSundowns

Uphinde waveza ukuthi unephupho lokudlala ngaphesheya kwezilwandle kumaligi amakhulu ase-Europe.

“Yingakho kuzomele ngilisebenzise ithuba lokudlala kwiBanyana Banyana ukudonsa amehlo abahlwayi bekhono bamazwe omhlaba,” kusho yena.

Uthi okumfaka intshisekelo ukuthi baningi abadlali abadlala phesheya balapha eNingizimu Afrika okusho amasango asevuliwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.