ISuperSport ichitha amahlebezi okuthi iqembu liyadayiswa

UStrive Masiyiwa waseZimbabwe
Sihle Ndlovu

ISuperSport United iyakuchitha ukuthi iqembu liyadayisa futhi ithi isikhathele ukulokhu izwa la mahlebezi njengoba kungekona okokuqala.

Kunemibiko yokuthi leli qembu lasePitoli lisendalini futhi lifuna ukuthengwa ngokushesha ngoba lentula imali. Nokho selikhiphe isitatimende licacisa ukuthi  lona alidayisi.

“ISuperSport United iyakuqonda ukuthi kunamahlebezi nezinsolo zokuthi iqembu lingase lidayiswe,” kusho isitatimende.

“Siyacela ukuthi nazi la mahlebezi awalona nakancane iqiniso. Njengoba sake sacacisa ngesikhathi la mahlabezi evela ngo-2019, iqembu alidayisi.

“Iqembu lizoxhumana nabezomthetho mayelana nalabo abashicilele noma ababhalile mayelana nale nto engamanga wodwa.”

Ngokwemibiko yakamuva impunyela yaseZimbabwe uStrive Masiyiwa iyona ezothenga iSuperSport.

ISuperSport ayinaye umqeqeshi okwamanje selokhu yaxosha uKaitano Tembo ngasekupheleni kwesizini edlule. Yize iqembu lingakacacisi ngomqeqeshi omusha kodwa bekulindeleke ukuthi lihlangane ngoLwesithathu emhlanganweni webhodi obalulekile.

U-Andre Arendse uyena okuphele isizini ebambile kuleli qembu ngemuva kokuxoshwa kukaTembo. Ukungaqashwa komqeqeshi omusha enye yezinto ezenza ukuthi acisho akholakale amahlebezi okuthi iqembu lingase lidayiswe.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.