ISuperSport igolozelwe yiChippa ekhaya koweDStv Premiership

Sihle Ndlovu

SuperSport United (0) 2

Chippa United (1) 2

ISuperSport United ishayane yaze yabukana neChippa United, lingekho ebelifuna ukubuyela ekhaya lilambatha, emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu.

Bekungokokuqala iSuperSport idlala ngokulingana selokhu kuqale isizini, nokuyenze yaqhubeka nokuhlala endaweni yesithathu.

Umdlalo uqale kuyiSuperSport ebihlasela, kuhlaluka ukuthi ibifuna ukuthola igoli kuqala. Ukuhlasela kwaMatsatsantsa a Pitori kucace ngomzuzu wesine ngesikhathi uMduduzi Sibeko, weChilli Boys, ecishe elishaya ngasekhaya.

Iqhubekile nokuhlasela iSuperSport, nokuthe ngomzuzu wesishiyagalombili uGhampani Lungu wazama ukushaya uqethu onzima, awiphebezele eceleni kwepali unozinti weChippa, u-Ayanda Mtshali, kwaba yikhona.

Ivukile emaqandeni iChilli Boys yaphaselana kangcono ibhola, izama ukufika emapalini kaRonwen Williams. Lokhu kubhukula kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-38 ngesikhathi u-Andile Mbenyane eshaya igoli leChippa. UWilliams uhlulwe ukubamba isithuphuluzana ebesishaywe uMaloisane Mokhele, wafika uMbenyane waliqedela, yajabula iChippa.

ISuperSport izamile ukuthola elokulinganisa ngaphambi kokuthi ziye ekhefini kodwa yehluleka ukusebenzisa amakhona amabili ewatholile elandelana.

Ngesiwombe sesibili iSuperSport ibuye ngamandla ihlasela ngemizuzu yokuqala. Ibhola elidonswe uBradely Grobler licishe lakhala phakathi ngomzuzu ka-47 kodwa kwagcina kuyikhona.

Nokho ubuyile uGrobler ngomzuzu ka-49 wangqofela phakathi igoli lokulinganisa kwaba ngu 1-1. Ngemuva kwalokho ibukeke ididekile iChilli Boys nokucaciswe ukuphunga kwayo iSuperSport kaningi, sekuvalwe amehlo.

ULungu ucishe walibeka phakathi ngomzuzu ka-56 ngemuva kokuthola iphasi enhle ebivela kuSipho Mbule. Nokho ibhola liphume kancane eceleni kwepali. UGrobler uthole elihle ithuna ngomzuzu ka-58 kodwa wehluleka esebhekene ngqo noMtshali.

Ngomzuzu ka-62 uDan Malesela ukhiphe uMbenyane wafaka uKurt Lentjies. Uphinde wafaka u-Eva Nga Bienvenu endaweni ka-Augustine Kwem. Nokho akushintshanga lutho ngoba iSuperSport iqhubekile nokuhlasela.

Ngomzuzu ka-78 uKaitano Tembo ufake uJamie Webber endaweni kaMbule.

UThamsanqa Gabuza ushaye igoli obekubukeka sengathi seliyingcwabile iChilli Boys ngomzuzu ka-83. Ulingqofele ngekhanda kade kuyikhona.

Nokho uMokhele ubuyile washaya elihle igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-87, umdlalo wagcina uphele kanjalo.

UGrobler uyena osezihola phambili ngamagoli ayisishiyagalombili kweyeligi