ISuperSport imise umdlali ongafuni ukujovela iCorona

UBuhle Mkhwanazi
Sihle Ndlovu

ISuperSport United imise umdlali wasemuva ekudlaleleni iqembu, uBuhle Mkhwanazi, ngenxa yokuthi akafuni ukujovela iCoronavirus.

Lokhu kuqinisekiswe yimenenja yakhe, uPaul Mitchell, ngesikhathi ikhuluma ohlelweni iSAFM SPOT ON ngoLwesibili.

“IMultichoice inomthetho wokuthi bonke abadlali nabasebenzi bayo kumele bagomele iCoronavirus. ISuperSport ilandela umthetho wenkampani,” kusho uMitchell.

“Sithole mayelana nalokhu emasontweni ayisithupha edlule. ISuperSport isamholela umdlali kodwa uBuhle akavunyelwe ukuziqeqesha nokudlalela iqembu, kuze kube usejovile.

“Iqembu liyamgqugquzela ukuthi akajove kodwa yena uthe usazoyidlela amathambo engqondo leyo ndaba. Njengabaphathi bezindaba zakhe nathi sikhulumile naye, wasinika izizathu zakhe, futhi siyakuhlonipha lokho.”

Azaziwa izizathu zalo mdlali zokungafuni ukugomela iCorona kodwa okumele akakhumbule ukuthi bonke abadlali beDStv Premiership yawulandela lo myalelo. Okubi ukuthi iqembu lingase liphoqeleke ukumxosha uma eqhubeka nokugoloza yedwa ukujova.

“Uma iSuperSport inquma ukuyinqamula inkontileka yakhe sesiyobona ngaleso sikhathi ukuthi kwenzekani,” kusho uMitchell.

“Asiphikisani nalokhu. Kodwa angicabangi ukuthi amanye amaqembu anomthetho ofana nalo, angikayizwa into enjalo.

“Sike saba nesimo esifanayo nomunye umdlali wethu odlala phesheya. Ubengafuni ukujova ngoba ubesaba.

“Iqembu lakhe lisifonelile ukuthi singenelele. Sikhulumile nomdlali sase sishiya konke kuyena. Nokho ugcine ejovile ngemuva kokuthola olunye ulwazi.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *