ISuperSport inecebo lokufaka AmaZulu induku

UGamphani Lungu weSuperSport United

OKADONGA GUMBI

Iyodwa indlela yokuvova iqembu elidlala njengaMaZulu FC inkani, ukuthi ulincishe ibhola lihlale lingakuwe ngaso sonke isikhathi. Uma uke walidedela lazenzela umathanda, ungazithuka sewusele ungazi noma liyana noma libalele, selikugilile.

Yingakho umdlali weSuperSport United, uGamphani Lungu egcizelela ukuthi kumele baqaphele ukuthi ibhola lihlala kubo uma sebedlala noSuthu ngoLwesibili.

Lezi zinkunzi zizodudulana emdlalweni weDStv Premiership eKings Park Stadium, eThekwini ngo 5 ntambama.

“Kumele siqaphele ukuthi sigcina ibhola, singaphisani ngalo kalula. Siyazi ukuthi AmaZulu nawo ayathanda ukuthi ibhola libe kuwo. Kuzomele nathi senze njalo,” kusho uLungu.

“Uma niphethe ibhola anikhathali kalula, yingakho ngithi kusasa kumele libe ngakithi esikhathini esiningi – sibambisane, silwelane,” kuqhuba le nsizwa yaseZambia eneminyaka engu-22.

Ukuvumile ukuthi ukungasheshi bangene egiyeni emidlaweni yabo edlule kubadalele ukuthi bagcine belahla amaphuzu futhi uma bengakunqandi lokhu kuzobafaka otakwini olukhulu esikhathini esizayo.

“Emidlaweni emine edlule asiqalanga kahle, size siqale ukungena egiyeni ngesiwombe wesibili, kanti kwesinye isikhathi lokho kusuke kungasezusiza ngalutho.

“Kumele siqale ngegiya eliphezulu ngoba sifithi ngokwanele, kumele senze kanjalo ngoba leyo yinto esingakwazi ukuyenza.”

Emdlalweni wabo wokugcina, bagadulisane baze babukana ne-Orlando Pirates, umdlalo waphela zibambene ngo 1-1 ngeviki elidlule.

“Bekuwumdlalo onzima, besingakwazi ukugcina ibhola esiwombeni sokuqala, silahla namabhola kalula. Kumele sibe nokuzigqaja uma siphethe ibhola, asikwazi ukuba nomdlalo omuhle uma sizolokhu sijaha abantu abaphethe ibhola ngemuva. Kumele libe kithi ibhola ukuze silidlale,” kusho uLungu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *