ISuperSport ivele yayiphendula ihlaya iPirates ibukisa ngayo koweligi

ISuperSport ivele yayiphendula ihlaya iPirates ibukisa ngayo koweligi
ULuke Fleurs weSuperSport United noKabelo Dlamini we-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi

ISuperSport United yenze evamise ukukwenza kwi-Orlando Pirates iyishaya ngo 2-0 emdlalweni wokugcina weDStv Premiership ngoMsombuluko kusihlwa.

IPirates yeyiye kulo mdlalo idinga ukushaya Amatsatsantsa a Pitori okungenani ngo 5-0 ukuze aqede endaweni yesithathu bese ubuyela kwiCaf Confederation Cup.

Nokho kusheshe kwacaca ukuthi ngeke kwenzeke lokho ngesikhathi uFortune Makaringe eshaya igoli enethini okungeyona kuba wumkhonto ogwaza ekhaya ngomzuzu ka-20.

Yize izamile iPirates ukubuya futhi bekuyiyo enomdlalo omuhle anamthuba angcono, ayikwazanga ukubuya kulo mdlalo.

Kuthe isabheke ukuthi okungenani ingathola elokulinganisa bese ibonga yenza njani, kwashuba kakhulu ngesikhathi uHappy Jele edala iphenathi qede wakhishwa ngekhadi elibomvu.

Ubedudule uThamsanqa Gabuza obesebadalulile esebhekene nonozinti. Ukube ubemyekile nokho ubengeke esenza lutho ngoba ibhola bese limshiyile.

URichard Ofori uyivimbile iphenathi kodwa umsizi kanompempe wathi ayiqalwe phansi ngoba weqe ulayini kungakafaneli.

FUNDA NALA: UMamaJoy ugcone abePirates ngokuthi baminyele amagoli amane ukuze badlule iRoyal AM yakhe

UGampani Lungu akabange esacucuza ke esenikwe ithuba lesibili, wayibeka enethini. Kulapho abasuke bayojabula khona begcona iPirates.

Abadlali beSuperSport bamise iminwe bekhombisa isihlanu okusho ukuthi iPirates ngeke iwathole lamagoli amahlanu ebiwafuna.

Nokho umqeqeshi wabo u-Andre Arendse ubukeke engakuthandi lokho ngoba kungukwehlisa isithunzi sozakwenu nokuyinto engafanele yenzeke ebholeni elikhokhelayo.

Lo mphumela usize iSuperSport ingene emaqenjini ayisishiyagalombili aqede phezulu kwiPremiership kule sizini, idonsa ngomsila iGolden Arrows iyikhiphela phandle.

IPirates yona iqede endaweni yesithupha okuyihlazo uma ubheka uhlobo lwabadlali enabo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.