ISuperSport iyijikele esiswini iSwallows iyifaka izibhaxu esinzima

ISuperSport iyijikele esiswini iSwallows iyifaka izibhaxu esinzima
URuzaigh Gamildien no-Isaac Nhlapo
UMBIKO: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Uma kukhulunywa ngomdlalo weziwombe ezimbili kumele mnakanjani kwenziwe isibonelo ngoweSwallows FC neSuperSport United obuseDobsonville Stadium ngeSonto ntambama.

Uma uubungabuka isiwombe sokuqala kuphela, ubungavele uphoxeke ngoba lo mdlalo weDStv Premiership uvele waba yibohlololo uma uqhathaniswa neyangoMgqibelo.

Ubungahamba uyozibekela uyoziqoqela imfuyo yakho ubuye uze uyivalele esibayeni kungenzekanga lutho kulo mdlalo.

Bekucaca ukuthi ngaphezu kokuhloniphana, lamaqembu ayesabana njengoba abedlala ngokwesaba ukuvuleleka.

ISuperSport bekuyivuna lokhu kwazise beyisekuhambeni futhi ukuthola iphuzu bekuyoba yinto enkulu kabi kuyo.

Nokho ngesiwombe sesibili iqalile ukuzama ukuvuleka nayo izama ukuhlasela. Akuthathanga isikhathi eside ngaphambi kokuthi ivune izithelo zalokhu.

Kuthe ngomzuzu ka-60, uSipho Sibiya wadlalisa okomfana wesikole evimba ibhola ngengalo esebhokisini langakubo.

Beyingekho ingozi etheni ngoba bebekhona ozakwabo ngemuva kwakhe abebezolivimba leli bhola ukube uliyekile ladlula.

Unompempe ulibeke emlotheni, kwasukuma uJamie Webber wamphambanisa nalo uVirgil Vries kwaba u 1-0.

Kuthe isababaza lokho iSwallows, kwabe sekubheda kakhulu. UTebogo Mokeona uphuce umdlali weSwallows ibhola ngasenkabeni yenkundla.

Ube esejika omunye qede walilula layohlangana noWebber kwesokudla obe eseligoba elifaka ebhokisini.

Uphumile uVries walixhimfa kodwa lavele lawena kuMokoeka wenza lokhu vele okulindeleke kuye – walinamathisela enethini.

FUNDA NALA: UDe Sa useyosiza umngani wakhe ekuqeqesheni elesizwe e-Egypt

Kuvele kwabe sekubheda kakhulu kwiDube Birds njengoba kuthe ngomzuzu ka-70 uSibiya waphinda wadala enye iphenathi.

Ujikwe uWebber eleqisa phezu kwakhe ibhola wabe esemjaha wamfica esengaphakathi ebhokisini wavele walufaka eqhamuka ngemuva unyawo.

Kube sekuphakama uThamsanqa Gabuza kulokhu, walibhajiswa enethini naye emphambanisa nalo uVries ovamise ukuwaboniswa amaphenathi.

Bese kungokwesibili iSwallows ilala isuthi induku njengoba nangempelasonto edlule ishaywe womkhaya bayo i-Orlando Pirates.

Okuzokhathaza kakhulu kwabasondelene nayo wukuthi isingenelwe amagoli amane emidlalweni emibili kanto yona ayizange ikore kuyo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.